Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNehemiya 4:23 - IsiZulu 2020

Mina-ke, abafowethu, izinceku zami namadoda ayengabaqaphi ayengilandela, asizange sizikhumule izimpahla zethu; yilowo nalowo wayephethe isikhali ngesandla sakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Mina nabafowethu, nezinceku zami, nabalindi abangilandelayo, kwakungekho kithi owakhumula izingubo zakhe; yilowo nalowo wayenesikhali esandleni sakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngakho mina nabafowethu noma izinceku zami namadoda onogada ababengilandela, akukho noyedwa wethu owakhumula izingubo zethu, ngaphandle kokuthi kwaba yilowo nalowo wazikhumula ukuze azihlanze.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNehemiya 4:23
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngaleso sikhathi ngabuye ngayala bonke abantu, ngathi: “Yilowo nalowo nenceku yakhe mabahlale phakathi eJerusalema ukuze basiqaphe ebusuku, basebenze emini.”


Kwaba khona ukukhala kwabantu okukhulu, amadoda nomkabo bekhononda ngabafowabo abangabaJuda.


Ngasebenza ngokuzikhandla emsebenzini wami wokwakha kabusha ugange, angizange ngizithengele nsimu. Zonke izinceku zami zazimatasatasa ekwakhiweni kabusha kogange.


umfowethu uHanani ngambeka ukuba engamele iJerusalema, noHananiya abe ngumengameli wenqaba, ngokuba uHananiya wayeyindoda ethembekile, emesabayo uNkulunkulu kunabaningi.


Abakhubani omunye nomunye; bayahamba, kube yilowo nalowo endleni yakhe; abayeki ukungena ngodli phakathi kwezikhali.


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, futhi umusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kodwa kungesimina, kepha kungumusa kaNkulunkulu okimi.


Lalelani umsindo wabaculi besemithonjeni yamanzi, lapho bephinda ukunqoba kuka-Simakade, ukunqoba kwezihlupheki kwa-Israyeli. Abantu bakaSimakade behlela emasangweni.


ngakho-ke wenyukela entabeni iZalimoni, yena nawo wonke amabutho ayehamba nawo. U-Abhimelekhi wathatha imbazo ngesandla sakhe, wagawula igatsha, waliphakamisa walibeka ehlombe lakhe. Wayesethi emabuthweni ayenaye: “Lokho eningibone ngikwenza, kwenzeni ngokushesha, njengami.”