Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNehemiya 4:2 - IsiZulu 2020

Wakhuluma nabangani bakhe nempi eSamariya, wathi: “Benzani laba baJuda abantekentekana na? Ngabe bazokwakha kabusha izinto? Bazokwenza imihlatshelo na? Bazoyiqeda ngosuku na? Ngabe bazovuselela amatshe engqumbini yamabibi, bese beshisela phezu kwawo na?”

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Wakhuluma phambi kwabafowabo nempi yaseSamariya, wathi: “Benzani laba baJuda abangenamandla na? Bayekwe bebodwa na? Bahlabe yini? Bakuqede ngosuku na? Bavuse amatshe emfuthumfuthwini yamabibi lokhu eshisiwe na?”

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Wasekhuluma phambi kwabafowabo lebutho lebutho leSamariya wathi: Enzani lamaJuda abuthakathaka? bazoziqinisa na? bazahlabela yini? zizophela ngosuku? bayowavusa amatshe ezinqwabeni zemfucumfucu eshile na?

Uka jalj uñjjattʼäta



UNehemiya 4:2
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Abantu bendawo bazama ukubadikibalisa abantu bakwaJuda ababebuye ekuthunjweni, ukuze bayeke ukwakha indu.


Ngomkhosi wokubusiswa kogange eJerusalema abaLevi bafunwa ezindaweni zabo zonke, ukuba bayiswe eJerusalema ukuyogubha umkhosi ngentokozo, ngokubonga, ngokuhlabelela, ngamasimbali, ngezigubhu nangamahabhu.


Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo lusuku, bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozise ngentokozo enkulu; abesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema.


UJuda wathi: “Amandla abathwala imithwalo aphelile, maningi amabibi, asisakwazi ukuqhubeka sakhe kabusha ugange.”


Umsebenzi wokwakhiwa kabusha kogange waphela mhla zingama-25 ngenyanga u-Eluli, wathatha izinsuku ezingama-52.


Bathi: “Wozani sibaqothule, bangabe besaba yisizwe, negama lika-Israyeli lingabe lisakhunjulwa.”


“UMikha waseMoreshethi waphrofetha ezinsukwini zikaHezekiya, inkosi yakwaJuda, wakhuluma kubo bonke abantu bakwaJuda, wathi: ‘Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “ ‘IZiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.’


“Awuzwanga yini laba bantu bekhuluma, bethi: ‘Imindeni yomibili uSimakade ayikhethayo uyilahlile na?’ Base bebadelela abantu bami, kwaze kwangathi abasesizwe phambi kwabo.


“Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa, lihlale lakhiwe, imigwaqo yalo nogange lwalo, amasonto angama-62 nasesikhathini sokuhlupheka.


Simakade, ngizwile umbiko ngawe, ngiyawesaba Simakade umsebenzi wakho; uvuselele nakule minyaka, wenze ukuba waziwe kule minyaka, ukhumbule isihawu sakho nasolakeni.


Ngalolo lusuku uSimakade uyakubavikela abakhileyo eJerusalema; okhubekayo kubo ngalolo lusuku uyakuba njengoDavide, indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, ifane nengelosi kaSimakade phambi kwabo.


Ngokuba ngubani oyakudelela usuku lwezinto ezincane na? Bayakuthokoza, babone itshe lomthofu esandleni sikaZerubhabhele. Amehlo ayikhombisa kaSimakade abheke umhlaba wonke.”


Kodwa izinto zobuwula zezwe, uNkulunkulu uzikhethile ukuba abajabhise ngazo abahlakaniphileyo. Kanjalo nezinto ezibuthakathaka zezwe, uNkulunkulu uzikhethile ukuba azijivaze ezinamandla.