Ingxenye elandelayo yakhiwa nguJedaya, indodana kaHarumafi, kwazise yayiseduze nomuzi wakhe. Elandelayo yakhiwa nguHathushi, indodona kaHashabhineya.
UNehemiya 3:9 - IsiZulu 2020 Ingxenye elandelayo yakhiwa nguRefaya, indodana kaHuri, umbusi wengxenye yesifunda eJerusalema. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Eceleni kwabo kwalungisa uRefaya indodana kaHure, umbusi wenxenye yesifunda saseJerusalema. Contemporary Zulu Bible 2024 Eceleni kwabo uRefaya indodana kaHure, umbusi wengxenye yesifunda saseJerusalema, walungisa. |
Ingxenye elandelayo yakhiwa nguJedaya, indodana kaHarumafi, kwazise yayiseduze nomuzi wakhe. Elandelayo yakhiwa nguHathushi, indodona kaHashabhineya.
Ingxenye elandelayo yakhiwa nguShalumi, indodana kaHaloheshi, umbusi wenye ingxenye yesifunda eJerusalema. Amadodakazi akhe amsiza kulowo msebenzi.
Ingxenye elandelayo yayize iyofika ngaphambi kwedlinza likaDavide, kuya echibini nendlu yamaqhawe, kwakhiwa nguNehemiya, indodana ka-Azibhuki, umbusi wengxenye yesifunda iBhethi Zuri.
Laba baLevi abalandelayo bakha kabusha izingxenye ezithile zogange: uRehumi, indodana kaBhani, wakha ingxenye elandelayo; uHashabhiya, umbusi wengxenye yesifunda iKheyila, wakha ingxenye elandelayo, enzela isifunda sakhe.