Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNehemiya 13:7 - IsiZulu 2020

ngase ngiphindela eJerusalema. Ngafika ngabona into embi eyenziwa ngu-Eliyashibhi, elungisela uThobiya igumbi emagcekeni endlu kaNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

ngaya eJerusalema, ngaqonda okubi u-Eliyashibi akwenzele uThobiya ngokumlungisela ikamelo emagcekeni endlu kaNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Ngafika eJerusalema, ngabona ububi u-Eliyashibi ayenzile kuThobiya ngokummisela ikamelo emagcekeni endlu kaNkulunkulu.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNehemiya 13:7
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Amadodana ka-Eliyohenayi: kwakunguHodaviya, u-Eliyashibhi, uPhelaya, u-Akubhi, uJohanani, uDelaya no-Anani, eyisikhombisa esewonke.


Sekwenziwe konke lokho, abaholi beza kimi, bathi: “Abantu bakwa-Israyeli, abaphristi, abaLevi abazehlukanisanga kubantu bezizwe nasemikhubeni yabo eyenyanyekayo, eyamaKhanani, amaHithi, amaPherizi, amaJebusi, ama-Amoni, abakwaMowabi, abaseGibhithe nama-Amori.


Ngalolo lusuku abantu bafundelwa incwadi yomthetho kaMose, kwafika endaweni lapho okwakubhalwe khona ukuthi akukho muntu wakwa-Amoni noma wakwaMowabi okufanele avunyelwe nanini ukuba yingxenye yebandla labantu bakaNkulunkulu,


walungisela uThobiya igumbi elikhulu lapho kwakubekwa khona umnikelo wokusanhlamvu, impepho, izitsha, okweshumi kokusanhlamvu, iwayini, amafutha, okwakunikwe ngokomthetho abaLevi, abaculi, abalindisango neminikelo yabaphristi.


Isitha selulele isandla saso phezu kwakho konke okuthandekayo kwalo. Impela libabonile abezizwe bengena endaweni yalo engcwele; labo owayala ukuba bangangeni ebandleni lakho.


Ngokuba bazalwane bami, bangitshelile ngani abendlu kaKlowe ukuthi kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwenu.