Ngalezo zinsuku ngabona abantu kwaJuda bekhama amagilebhisi ngeSabatha. Abanye babethwese izimbongolo zabo okusanhlamvu, iwayini, amagilebhisi, amakhiwane nezinye izinto, bekuyisa eJerusalema; ngabexwayisa ukuthi bangathengisi lutho ngeSabatha.
UNehemiya 13:16 - IsiZulu 2020 Kwakukhona futhi idlanzana labantu baseThire, ababehlala eJerusalema, bethengisa izinhlanzi nokunye, bekuthengisela abantu bakwaJuda emzini ngeSabatha. IBHAYIBHELI ELINGCWELE AbaseTire ababehlala khona bangenisa izinhlanzi nezimpahla zezinhlobo zonke, bathengisa ngakho ngesabatha kubantwana bakwaJuda naseJerusalema. Contemporary Zulu Bible 2024 Kwakuhlala khona abantu baseTire ababeletha izinhlanzi nazo zonke izinhlobo zezimpahla, bathengisa ngakho kubantwana bakwaJuda naseJerusalema ngesabatha. |
Ngalezo zinsuku ngabona abantu kwaJuda bekhama amagilebhisi ngeSabatha. Abanye babethwese izimbongolo zabo okusanhlamvu, iwayini, amagilebhisi, amakhiwane nezinye izinto, bekuyisa eJerusalema; ngabexwayisa ukuthi bangathengisi lutho ngeSabatha.
Ngabathethisa abaholi bakwaJuda, ngathi kubo: “Nibenzelani lobu bubi bokungcolisa iSabatha na?
kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaSimakade, uNkulunkulu wakho; awuyukwenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, imfuyo yakho, nomfokazi ogogobele emzini wakho,
“Uyakusebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa, ukuze inkabi yakho, nembongolo yakho kuphumule, nesigqila esizalelwe kwakho, nogogobele kwakho bahlunyelelwe.
kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaSimakade uNkulunkulu wakho; awuyukusebenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nenkabi yakho, nembongolo yakho, nayo yonke imfuyo yakho, nomfokazi ophakathi kwamasango akho, ukuze inceku yakho nencekukazi yakho baphumule njengawe.