Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UNehemiya 13:16 - IsiZulu 2020

Kwakukhona futhi idlanzana labantu baseThire, ababehlala eJerusalema, bethengisa izinhlanzi nokunye, bekuthengisela abantu bakwaJuda emzini ngeSabatha.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

AbaseTire ababehlala khona bangenisa izinhlanzi nezimpahla zezinhlobo zonke, bathengisa ngakho ngesabatha kubantwana bakwaJuda naseJerusalema.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Kwakuhlala khona abantu baseTire ababeletha izinhlanzi nazo zonke izinhlobo zezimpahla, bathengisa ngakho kubantwana bakwaJuda naseJerusalema ngesabatha.

Uka jalj uñjjattʼäta



UNehemiya 13:16
5 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngalezo zinsuku ngabona abantu kwaJuda bekhama amagilebhisi ngeSabatha. Abanye babethwese izimbongolo zabo okusanhlamvu, iwayini, amagilebhisi, amakhiwane nezinye izinto, bekuyisa eJerusalema; ngabexwayisa ukuthi bangathengisi lutho ngeSabatha.


Ngabathethisa abaholi bakwaJuda, ngathi kubo: “Nibenzelani lobu bubi bokungcolisa iSabatha na?


kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaSimakade, uNkulunkulu wakho; awuyukwenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, indodakazi yakho, inceku yakho, incekukazi yakho, imfuyo yakho, nomfokazi ogogobele emzini wakho,


“Uyakusebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa, ukuze inkabi yakho, nembongolo yakho kuphumule, nesigqila esizalelwe kwakho, nogogobele kwakho bahlunyelelwe.


kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaSimakade uNkulunkulu wakho; awuyukusebenza msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nenkabi yakho, nembongolo yakho, nayo yonke imfuyo yakho, nomfokazi ophakathi kwamasango akho, ukuze inceku yakho nencekukazi yakho baphumule njengawe.