Abakwa-Israyeli nabaLevi bayoletha okweshumi kokusanhlamvu, okwewayini namafutha omnqumo emagunjini lapho kugcinwe khona izitsha zendlu engcwele, nalapho kuhlala khona abaphristi, abalindisango nabaculi. Asiyukuyishiya indlu kaNkulunkulu wethu.”
UNehemiya 13:11 - IsiZulu 2020 Ngabathethisa abaholi, ngathi kubo: “Yini eyenze ukuba nilahle indlu kaNkulunkulu na?” Ngawaqoqa lawo madoda, ngawabuyisela emsebenzini wawo ayewenza endlini kaNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngase ngiphikisana nababusi, ngathi: “Ishiyelweni indlu kaNkulunkulu na?” Ngababutha, ngababeka ezindaweni zabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngase ngiphikisana nababusi, ngathi: “Ishiyiwe ngani indlu kaNkulunkulu na? Futhi ngababutha ndawonye ngababeka endaweni yabo. |
Abakwa-Israyeli nabaLevi bayoletha okweshumi kokusanhlamvu, okwewayini namafutha omnqumo emagunjini lapho kugcinwe khona izitsha zendlu engcwele, nalapho kuhlala khona abaphristi, abalindisango nabaculi. Asiyukuyishiya indlu kaNkulunkulu wethu.”
Ngabathethisa abaholi bakwaJuda, ngathi kubo: “Nibenzelani lobu bubi bokungcolisa iSabatha na?
Ngawathethisa lawo madoda, ngawaqalekisa, amanye ngawashaya, ngawahluthula izinwele, ngathi awenze isifungo kuNkulunkulu: “Aniyukuwaganisela amadodana abo ngamadodakazi enu, futhi aniyukuwathathela amadodana enu, noma nizithathele nina abafazi emadodakazini abo.
ngokuba ngesaba isixuku esikhulu, ngaba novalo lokwedelelwa ngabomndeni, ngaze ngathula, nokho angiphumanga emnyango.
Isono sezinsizwa sasisikhulu kakhulu phambi kukaSimakade, ngoba bawedelela umnikelo kaSimakade.