UNehemiya 12:10 - IsiZulu 2020 UJeshuwa wazala uJoyakimi; uJoyakimi wazala u-Eliyashibhi; u-Eliyashibhi wazala uJoyada; IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJeshuwa wazala uJoyakimi; uJoyakimi wazala u-Eliyashibi; u-Eliyashibi wazala uJoyada; Contemporary Zulu Bible 2024 UJesuwa wazala uJehoyakimi, uJehoyakimi wazala uEliyashibi, uEliyashibi wazala uJehoyada; |
AbaLevi babhalwa emihleni ka-Eliyashibhi, noJoyada, noJohanani, noJaduwa; njengezinhloko zemindeni yoyise nabaphristi ekubuseni kukaDariyu, umPheresiya.
Labo babekhona ezinsukwini zikaJoyakimi, indodana kaJeshuwa, kaJozadaki, nasezinsukwini zikaNehemiya umbusi, nomphristi u-Ezra, umbhali.
UJehoyada, indodana ka-Eliyashibhi, umphristi omkhulu, wavumela indodana yakhe ukuba iganwe yindodakazi kaSanibhalathi waseBhethi Horoni, ngakho-ke ngamxosha.
Ngaphambi kwalokho, u-Eliyashibhi, umphristi owayengamele amagumbi endlu kaNkulunkulu wethu, eyisihlobo sikaThobiya,
ngase ngiphindela eJerusalema. Ngafika ngabona into embi eyenziwa ngu-Eliyashibhi, elungisela uThobiya igumbi emagcekeni endlu kaNkulunkulu.
Kwasuka u-Eliyashibhi, umphristi omkhulu nabanye abaphristi, bakha kabusha iSango Lezimvu, balinikela, bamisa namasango ezindaweni zawo. Banikela ugange kusukela eMbhoshongweni Wekhulu kuze kube seMbhoshongweni KaHananeli.