Uyakuthi enhliziyweni yakho: “Zingehleleleni lezi zinto na?” Ngobukhulu bokona kwakho, isidwaba sakho siphenyiwe, nomzimba wakho wahlukunyezwa.
UNahume 3:5 - IsiZulu 2020 Uyabona-ke, ngimelene nawe; ngiyakuphakamisa isidwaba sakho sikwemboze ubuso, ngikhombise izizwe ubunqunu bakho, nemibuso ihlazo lakho. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Bheka, ngimelene nawe,” usho uJehova Sebawoti; “ngiyakuphakamisa imiphetho yakho ebusweni bakho, ngibonise izizwe ubunqunu bakho, nemibuso ihlazo lakho. Contemporary Zulu Bible 2024 Bhekani, nginombano ngani, usho uJehova Sebawoti; ngiyakwembula ubucwebe bakho ebusweni bakho, ngibonise amahloni akho ezizweni nasemibusweni ihlazo lakho. |
Uyakuthi enhliziyweni yakho: “Zingehleleleni lezi zinto na?” Ngobukhulu bokona kwakho, isidwaba sakho siphenyiwe, nomzimba wakho wahlukunyezwa.
“Bheka, ngimelene nawe ozikhukhumezileyo, ngokuba usuku lwakho selufikile, isikhathi sokujeziswa kwakho,” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.
ngakho-ke bheka, ngiyakuziqoqa zonke izithandwa zakho ozithokozise ngazo, zonke ozithandileyo, nazo zonke ozizondileyo; ngiyakuziqoqela kuwe zivela kuzo zonke izindawo, ngizembulele ubunqunu bakho ukuba zibubone bonke.
uthi kulo: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngimelene nawe. Ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, ngibulale abalungileyo nezikhohlakali.
Ngiyakumelana nawe ngenxa yesikhwele enginaso ngawe, bakuphathe ngonya, banqume ikhala lakho nezindlebe zakho, kuthi abaseleyo bakini, bafe ngenkemba. Bayakuthatha amadodana akho namadodakazi akho, bese kuthi insali yakini, idliwe ngumlilo.
Bayakukuphatha ngenzondo, bakuqhwage konke lokho osukusebenzele, bakuphundle, usale unqunu, ubunqunu bobufebe bakho bube sobala. Ukukhanuka kwakho nobufebe bakho
ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngiphezu kwakho Thire; ngiyakwenyusela kuwe izizwe eziningi njengolwandle lugubha amagagasi, zimelane nawe.
Dlulani nqunu ninehlazo nina enihlala eShafiri. Nina enakhe eZanani ngeke niphume, isililo eBhethi Ezeli siyakunithathela lokho enithembele kukho.
“Uyabona-ke, ngimelene nawe, ngiyakushisa izinqola zakho entuthwini, inkemba ibhuqabhuqe amawundlu akho, ngiyakuyiqeda nya inyamazane yakho ezweni, nephimbo lezithunywa zakho aliyukuphinde lizwakale,” kusho uSimakade.
Uyakwaneliswa yihlazo kunokuhlonipheka, uphuze nawe, ubalwe njengongasokile, indebe yesandla sokunene sikaSimakade iyakuza kuwe, ihlazo libe phezu kodumo lwakho.