Maningathembeli ekuqhwageni, ningazigabisi ngokuphangiweyo. Uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.
UNahume 3:1 - IsiZulu 2020 Maye kuwe muzi ochitha igazi! Wonke ugcwele inkohliso nempango, ukuphanga akupheli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wo kumuzi wezingazi! Wonke ugcwele amanga nempango, ukuphanga akupheli. Contemporary Zulu Bible 2024 Maye kuwo umuzi wegazi! konke kugcwele amanga nokuphanga; impango ayisuki; |
Maningathembeli ekuqhwageni, ningazigabisi ngokuphangiweyo. Uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.
Ngokuhlwa, kuba yingebhe yodwa; kuthi kungakasi zibe zingasekho. Yileso-ke isabelo sabasiphangayo, nonkatho lwabasiqhwagayo.
Abasahubi lapho bephuza iwayini, uphuzo olunamandla seluyababa kulabo abaluphuzayo.
Ngubani owanikela uJakobe ukuba aphangwe, no-Israyeli kubaphangi na? Akusiye yini uSimakade lona esonile kuye, abangavumanga ukuhamba ngezindlela zakhe, nokulalela umthetho wakhe na?
“Kukhona ukuqalekisa nokukhohlisa, ukubulala, nokweba, nokuphinga, bayadlebeleka, kugobhoza igazi.
Ingonyama yadwengula okwanele amawundlu ayo, yakubamba entanyeni okwengonyamakazi yayo, yagcwalisa umgodi wayo ngenyamazana, umphandu wayo ngenyama edwenguliwe.
“Uyabona-ke, ngimelene nawe, ngiyakushisa izinqola zakho entuthwini, inkemba ibhuqabhuqe amawundlu akho, ngiyakuyiqeda nya inyamazane yakho ezweni, nephimbo lezithunywa zakho aliyukuphinde lizwakale,” kusho uSimakade.