Noma ngabe yiluphi uzungu enilwakhela uSimakade uyakuluqeda nya. Ukuhlupheka akuyuphinda kabili.
Enikucebayo ngoJehova uyakuqeda yena; ukuhlupheka akuyikuvela ngokwesibili.
Nicabangani ngoJehova? uyakuqeda; usizi aluyikuvela ngokwesibili.
U-Amasa akayinakanga inkemba eyayiphethwe nguJowabe ngesandla. UJowabe wamgwaza kanye ngayo esiswini, izibilini zakhe zachithekela emhlabathini, wafa ujuqu. Akamphindanga. UJowabe no-Abhishayi, umfowabo, baqhubeka bexosha uSheba, indodana kaBhikhiri.
Uma bekwakhela uzungu, beceba okubi ngawe, abayukuphumelela;
USimakade ushafisa icebo labezizwe, afojise amacebo ezizwe.
Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, asikho iseluleko, okungamelana noSimakade.
Manje maningedeleli funa izibopho zenu ziqiniswe, ngokuba ngisizwile isimemezelo sokubhubhisa wonke umhlaba, siqhamuka eNkosini uSimakade Wamabandla.
uthi: ‘IBhabhele liyakushona kanjalo-ke, lingabe lisavuka ngenxa yenhlekelele engiyoyehlisela kulo. Abantu bakhona bayakuphelelwa ngamandla.’ ” Aphela lapha amazwi kaJeremiya.
Bonke abantu bayokwazi ukuthi Mina Simakade, ngiyihoshile inkemba emgodleni wayo, ayisayukubuyela emuva.” ’ ”
“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Inhlekelele! Inhlekelele yodwa, iyeza.
Mina ngabaqeqesha, ngaqinisa izandla zabo, kodwa bangakhela uzungu.
Kukhona ovela kuwe oceba okubi ngoSimakade, umluleki owonakele.
nakho konke okujulileyo okuziphakamisayo ukuze kumelane nokumazi uNkulunkulu, kepha sithumba yonke imicabango ukuze ilalele uKhristu.
U-Abhishayi wathi kuDavide: “UNkulunkulu usinikele esandleni sakho isitha sakho namuhla, ngakho-ke mangimbhokode kanye ngomkhonto ngimhlanganise nomhlabathi, ngingamphindi.”
Ngalolo lusuku ngiyakumehlisela u-Eli konke engamtshela ngakho mayelana nendlu yakhe, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.