U-Absalomu wayala izinceku zakhe, wathi: “Niyabona-ke, kuyothi lapho selimngene iwayini u-Amnoni, ngiyothi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale, ningesabi, ngokuba niyobe niyalwe yimi ukwenza kanjalo. Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”
UNahume 1:10 - IsiZulu 2020 Lapho bethandela njengameva, isiphuzo sabo sifana nesezidakwa, bayakuqothulwa njengenswani eyomileyo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lapho bethandela njengameva, benjengabaminzileyo ophuzweni lwabo, bayakuqedwa nokuqedwa njengamabibi omileyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngoba lapho bebotshwe ndawonye njengameva, futhi lapho bedakwe njengezidakwa, bayoqedwa njengamabibi ome ngokuphelele. |
U-Absalomu wayala izinceku zakhe, wathi: “Niyabona-ke, kuyothi lapho selimngene iwayini u-Amnoni, ngiyothi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale, ningesabi, ngokuba niyobe niyalwe yimi ukwenza kanjalo. Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”
Zingibunganyele njengezinyosi, zizocinywa njengomlilo wameva; egameni likaSimakade ngizozibhubhisa.
Njengokuphephuka komusi, nokuncibilika kwengcina phambi komlilo, bachithwa kanjalo ababi phambi kukaNkulunkulu.
Ebukhulwini bobukhosi bakho uthele phansi labo abamelana nawe, uthumele intukuthelo yakho yabaqothula njengamahlanga.
Ngakho-ke abantu bahlakazeka kulo lonke iGibhithe ukuyoqoqa izinhlanga esikhundleni sotshani.
Angisithukutheleli. Uma singivezela ameva namakhakhasi, ngizolwa nawo ngiwashise.
Bheka, sebefana namabibi eshiswa ngumlilo, abakwazi ukuzisindisa emandleni elangabi, akusilo ilahle lokuba lothiwe, akusiwo nomlilo wokuba uwothe.
Njengamalangabi ekhotha amabibi, nezikhotha ezomileyo zizika kuwo, impande yabo iyofana nokubola, nembali yabo ibe njengothuli; iyakuthuquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaSimakade Wamabandla, baledelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.
Wozani, yikhona ngizoletha iwayini, sizozigcingca ngophuzo olunamandla; nengomuso liyakuba njenganamuhla, libe likhulu kakhulu.
Ngokuba inkohlakalo ivutha njengomlilo, iqothula ameva namakhakhasi, yokhele ihlozi lehlathi, kwenyuka isikhatha sentuthu sibheke phezulu.
Kuyothi lapho sebefa yindlala, ngibenzele idili, ngibadakise ukuze baquleke, balale ubuthongo baphakade, bangavuki,” kusho uSimakade.
Ngiyakudakisa izikhulu zalo; izihlakaniphi zakhona, izinduna zalo, ababusi balo, namabutho alo; bayakulala ubuthongo baphakade, bangavuki,” kusho iNkosi egama layo nguSimakade Wamabandla.
Omuhle kubo unjengehlokozi elinameva; oqotho kubo mubi kunothango lwameva. Usuku lwabalindi bakho nolokujeziswa kwakho sekufikile; sekuyakuba ngukudideka kwabo.
“Phela bhekani nje, luyeza usuku, luvutha njengeziko. Bonke abazigqajayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi. Lolo lusuku oluzayo luyakubashisa, aluyukubashiyela mpande nagatsha,” kusho uSimakade Wamabandla.
U-Abhigayili wabuyela kuNabali; wafica enesiphihli sedili endlini yakhe, kungathi yidili lenkosi. Inhliziyo kaNabali yayithakasile ithe cosololo, ephuze kakhulu. U-Abhigayili akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni.