U-Absalomu wayala izinceku zakhe, wathi: “Niyabona-ke, kuyothi lapho selimngene iwayini u-Amnoni, ngiyothi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale, ningesabi, ngokuba niyobe niyalwe yimi ukwenza kanjalo. Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”
UmShumayeli 7:4 - IsiZulu 2020 Inhliziyo yohlakaniphile isendlini yabalilayo, kodwa inhliziyo yesiwula isendlini yentokozo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inhliziyo yabahlakaniphileyo isendlini yokulila, kepha inhliziyo yeziwula isendlini yentokozo. Contemporary Zulu Bible 2024 Inhliziyo yabahlakaniphileyo isendlini yokulila; kepha inhliziyo yeziwula isendlini yentokozo. |
U-Absalomu wayala izinceku zakhe, wathi: “Niyabona-ke, kuyothi lapho selimngene iwayini u-Amnoni, ngiyothi kini: ‘Bulalani u-Amnoni,’ nimbulale, ningesabi, ngokuba niyobe niyalwe yimi ukwenza kanjalo. Yimani isibindi, nibe ngamaqhawe.”
Baphuma emini. UBheni Hadadi wayezigcingca ngotshwala emadokodweni, ekanye namakhosi angama-32 ayemsiza.
Ngase ngithi enhliziyweni yami: “Woza ngikuvivinye ngentokozo ukuze ngibone okuhle.” Nalokho futhi kwakuyize.
Usizi lungcono kunokuhleka, ngokuba ngobuso obudangele inhliziyo iba nokujabula.
Inhliziyo yami iyadwanguza, iyathuthumela; ukuhwelela ebengikulangazelela kungehlele, sekuphenduke ixhala kimi.
Kuyothi lapho sebefa yindlala, ngibenzele idili, ngibadakise ukuze baquleke, balale ubuthongo baphakade, bangavuki,” kusho uSimakade.
Ngiyakudakisa izikhulu zalo; izihlakaniphi zakhona, izinduna zalo, ababusi balo, namabutho alo; bayakulala ubuthongo baphakade, bangavuki,” kusho iNkosi egama layo nguSimakade Wamabandla.
Ngosuku lwenkosi yethu izikhulu zazigulisa ngokushisa kwewayini; yona yelula isandla sayo nezigebengu.
Lapho bethandela njengameva, isiphuzo sabo sifana nesezidakwa, bayakuqothulwa njengenswani eyomileyo.
U-Abhigayili wabuyela kuNabali; wafica enesiphihli sedili endlini yakhe, kungathi yidili lenkosi. Inhliziyo kaNabali yayithakasile ithe cosololo, ephuze kakhulu. U-Abhigayili akamtshelanga lutho oluncane nolukhulu kwaze kwaba sekuseni.
Yayisimehlisela kubo. Bheka, babehlakazeke indawo yonke; bedla, bephuza, besina ngenxa yempango ababeyidle ezweni lamaFilisti nakwaJuda.