UmShumayeli 7:3 - IsiZulu 2020 Usizi lungcono kunokuhleka, ngokuba ngobuso obudangele inhliziyo iba nokujabula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Usizi lungcono kunokuhleka, ngokuba ngokudabuka kobuso inhliziyo yenzelwa okuhle. Contemporary Zulu Bible 2024 Usizi lungcono kunokuhleka, ngoba ngokudabuka kobuso inhliziyo iba ngcono. |
Mayelana nokuhleka, ngathi: “Kungubuwula,” maqondana nentokozo, ngathi: “Inamsebenzi muni na?”
Inhliziyo yohlakaniphile isendlini yabalilayo, kodwa inhliziyo yesiwula isendlini yentokozo.
Wathi: “Ungesabi, muntu othandekayo; ukuthula makube kuwe; qina, yebo, mawuqine.” Lapho ekhuluma kimi, ngaqiniswa, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami, ngokuba ungiqinisile.”
Nibusisiwe nina enilambileyo manje, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina enikhalayo manje, ngokuba niyakuhleka.
Maye, kinina enisuthiyo manje, ngokuba niyakulamba! Maye, kinina enihlekayo manje, ngokuba niyakukhala, nikhihle isililo!
Ngokuba usizi lwethu oluncane lwesikhashana lusilungisela inkazimulo enkulu yaphakade, engenakulinganiswa.