Waba nemfuyo, nemihlambi, nomndeni omkhulu kwaze kwavuka umona ngaye kumaFilisti.
UmShumayeli 4:4 - IsiZulu 2020 Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Futhi ngabona wonke umshikashika nakho konke okwenziwe ngekhono ukuthi kungumhawu womuntu ngomakhelwane wakhe. Nalokho kuyize nokufuna umoya. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngabuye ngabona wonke umsebenzi onzima nawo wonke umsebenzi omuhle, ukuthi ngenxa yalokho umuntu uba nomhawu ngomakhelwane wakhe. Kuyize nokufuna umoya. |
Waba nemfuyo, nemihlambi, nomndeni omkhulu kwaze kwavuka umona ngaye kumaFilisti.
UJakobe wezwa ukuthi amadodana kaLabani ayakhononda, athi: “UJakobe useqole ubaba konke obekungokwakhe, nale ngcebo yonke anayo uyithole ngezinto obekungezikababa.”
Ulaka lungulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?
Ngiyibone yonke imisebenzi eyenziwa phansi komthunzi welanga; impela konke kufana nokubamba utalagu!
Ngizinikele ngenhliziyo yami yonke ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuwula nobuthutha. Ngithole ukuthi konke lokho kufana nokubamba utalagu.
Ngokuba kuyenzeka ukuba umuntu umshikashika wakhe awenze ngokuhlakanipha nangolwazi nangekhono, kodwa kufanele awushiyele umuntu ongakaze awukhandlekele, ube yifa lakhe. Nalokho kuyize nobubi obukhulu.
Ngokuba uNkulunkulu umupha ukuhlakanipha, nokuqonda nentokozo umuntu omthokozisayo, kodwa isoni usinika umsebenzi wokuqokelela nokumbondela, ukuze siwunike lowo othokozisa uNkulunkulu. Nalokho kuyize, kufana nokubamba utalagu.
babengenakubalwa laba bantu ayebahola. Kodwa abeza emva kwakhe abayukuthokoza ngaye. Impela nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.
Kungcono ukubona ngamehlo, kunokulangazelela kwenhliziyo; lokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.
“Okhokho baba nomhawu ngoJosefa, base bethengisa ngaye eGibhithe, kodwa uNkulunkulu wayenaye.
Nicabanga ukuthi kuyize yini lokhu okushiwo wumbhalo, othi: “Umoya awubeka kithi uwunxanela ngomhawu” na?
kungabi njengoKhayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile.