Lawo maqhawe amathathu afohla, angena enkanjini yamaFilisti, akha amanzi emthonjeni eBhethlehema ongasesangweni. Awathatha awaletha kuDavide, kodwa akavumanga ukuwaphuza; wawathululela uSimakade.
UmShumayeli 4:12 - IsiZulu 2020 Noma umuntu oyedwa engehlulwa, nxa bebabili bangazivikela. Intambo emicu mithathu ayigqabuki kalula. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nakuba umuntu ahlula oyedwa, ababili bayakuma phambi kwakhe, nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka. Contemporary Zulu Bible 2024 Uma umuntu emnqoba, ababili bayakumphikisa; nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka. |
Lawo maqhawe amathathu afohla, angena enkanjini yamaFilisti, akha amanzi emthonjeni eBhethlehema ongasesangweni. Awathatha awaletha kuDavide, kodwa akavumanga ukuwaphuza; wawathululela uSimakade.
Wayehlonipheke kakhulu phakathi kwabangama-30, kodwa akafikanga kulaba abathathu ngokuhlonishwa. UDavide wambeka ukuba engamele abaqaphi bakhe.
Wayelandelwa ngu-Eleyazare, indodana kaDodo, indodana ka-Ahowahi. Wayengomunye wamaqhawe amathathu ayenoDavide mhlazana edelela amaFilisti ayeqoqene lapho ukuze alwe no-Israyeli, kodwa abakwa-Israyeli base behambile.
Uma ababili belala ndawonye bayafudumala, uma umuntu eyedwa angafudumala kanjani na?
Ungcono umuntu osemusha oswele kodwa ohlakaniphile, kunenkosi endala eyisiwula, engasemukeli iseluleko.