Umuntu ogcwele ulaka uphehla udweshu, kodwa owephuzayo ukuthukuthela udambisa ingxabano.
UmShumayeli 10:4 - IsiZulu 2020 Uma ulaka lombusi lukuvukela, uze ungasuki endaweni yakho; ukuthobeka kulungisa amaphutha amakhulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma umoya wombusi ukuvukela, ungashiyi indawo yakho, ngokuba ukubekezela kuvimba izono ezinkulu. Contemporary Zulu Bible 2024 Uma umoya wombusi ukuvukela, ungashiyi indawo yakho; ngoba lishweleza iziphambeko ezinkulu. |
Umuntu ogcwele ulaka uphehla udweshu, kodwa owephuzayo ukuthukuthela udambisa ingxabano.
Ngokubekezela, umbusi angathanjiswa, nolimi oluthambileyo luyawaphoqoza amathambo.
Kukhona ububi engibubonile phansi komthunzi welanga, bunjengephutha elenziwa ngumbusi:
Ungasheshi ukusuka phambi kwenkosi, ungalibali uma kunodaba olubi, ngokuba yona yenza ngokuthanda kwayo.