UmShumayeli 1:6 - IsiZulu 2020 Umoya uvunguza uye eningizimu, uphendukele enyakatho, uphenduphenduke, ubuyele lapho uqale khona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umoya uya ngaseningizimu, uzungeze, uye ngasenyakatho; uzungazungeza njalo ekuhambeni kwawo, nasekuzungezeni kwawo umoya uyabuyela. Contemporary Zulu Bible 2024 Umoya uya eningizimu futhi uphendukela enyakatho; uzungeza njalo, nomoya ubuya emijikelezweni yawo. |
Yonke imifula igelezela olwandle, kodwa ulwandle alugcwali; lapho imifula ike yageleza khona, isayophinde futhi igeleze khona.
Njengalokhu ungazi ukuthi umphefumulo ungena kanjani emathanjeni esibelethweni sowesifazane okhulelweyo, kanjalo kawuwazi umsebenzi kaNkulunkulu owenza izinto zonke.
Kepha uSimakade wathumela isishingishane olwandle, kwaba nesiphepho esikhulu kwaze kwangathi umkhumbi uyahlephuka.
“Ngakho-ke yilowo nalowo owezwayo lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo, eyakha indlu yayo phezu kwedwala.
Yafika imvula, kwafika izikhukhula nezivunguvungu zomoya; zayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!”
Umoya uvunguza lapho uthanda khona. Uyawuzwa umsindo wawo, kodwa awuwazi lapho uqhamuka khona nalapho uqonde khona. Banjalo-ke bonke abazelwe nguMoya.”