UMikha 7:13 - IsiZulu 2020 Umhlaba uyakuba yincithakalo ngenxa yezakhamuzi zalo nangenxa yezenzo zabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha izwe liyakuba yincithakalo ngenxa yabakhileyo kulo ngezenzo zabo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa ilizwe lizakuba yinkangala ngenxa yabakhileyo kulo, ngenxa yesithelo sezenzo zabo. |
Mnike isabelo emsebenzini wezandla zakhe, mabawudumise umsebenzi wakhe emasangweni.
Isikhohlakali siyakubhajwa ekukhohlakaleni kwaso, sibhajwe yizintambo zesono saso.
Ngalolo lusuku imizi ebiyelweyo iyofana namanxiwa asehlathini naseziqongweni zezintaba, eyashiwa ngabantu bakwa-Israyeli, yaba yincithakalo.
“Mina Simakade ngiyayiphenya inhliziyo, ngihlole nezinso; ukuba nginike yilowo nalowo njengokwezindlela zakhe, nanjengezithelo zezenzo zakhe.”
“ ‘Ngiyakunihambela, nginijezise njengokwezithelo zezenzo zenu, ngiyakuphemba umlilo, uqothule ihlathi lawo umuzi nakho konke okuwuzungezileyo, kusho uSimakade.’ ”
Izwe lonke leli liyakuba yincithakalo, lezi zizwe ziyakuyikhonza inkosi yaseBhabhele iminyaka engama-70.
Umkhulu ngamasu, izenzo zakho zinkulu, amehlo akho ayazibona zonke izindlela zabantu, ukuze ubanike yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe nanjengokwezithelo zemisebenzi yakhe.
bese uthi kubantu bezwe: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade kwabakhileyo eJerusalema, ezweni lakwa-Israyeli, ithi: “Bayakudla ukudla kwabo ngokwesaba, baphuze amanzi abo ngokuthuthumela, ngokuba izwe lakubo liyakuba yincithakalo, liphundlwe konke okugcwele kulo, ngenxa yobudlova babo bonke abahlala kulo.
Izwe ngiyakulenza libe yincithakalo neze, ukuzidla ngamandla alo kuyakuphela nya; izintaba zakwa-Israyeli ziyakubhujiswa ukuze kungabi bikho odlula kuzo.
Ngakho-ke ngenxa yenu iZiyoni liyakulinywa libe yinsimu, neJerusalema libe yindunduma yencithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.
Ngakho-ke bayakukhala kuSimakade, kodwa akayukubaphendula. Uyakubafihlela ubuso bakhe ngaleso sikhathi, ngenxa yokwenza kwabo izenzo ezimbi.
Ngakho-ke uyakubakhaphela kuze kube yisikhathi sokuba okhulelweyo abelethe. Kuyakuthi lapho esebelethile, abafowabo abaseleyo babuyele kubantu bakwa-Israyeli.
Ngakho-ke Mina ngiyakukugulisa ngokukushaya, ngikwenze incithakalo ngenxa yezono zakho.