Ngabashaya ngabacolisisa njengothuli lomhlabathi; ngabadovadova njengodaka emgwaqweni.
UMikha 7:10 - IsiZulu 2020 Isitha sami siyakukubona, sikhungathwe ngamahloni, leso ebesithi kimi: “Uphi uSimakade uNkulunkulu wakho na? Amehlo ami ayakusibona, manje siyakunyathelwa njengodaka emigwaqweni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Isitha sami siyakukubona, sisitshekelwe ngamahloni, esona besithi kimi: “Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?” Amehlo ami ayakusibona; manje siyakunyathelwa njengodaka lwasezitaladini. Contemporary Zulu Bible 2024 Khona isitha sami siyakubona, simbozwe amahloni esasithi kimi: ‘Uphi uJehova uNkulunkulu wakho? amehlo ami ayakumbheka; manje liyakunyathelwa phansi njengodaka lwezitaladi. |
Ngabashaya ngabacolisisa njengothuli lomhlabathi; ngabadovadova njengodaka emgwaqweni.
Ngibacolisisa okothuli lupheshulwa yisiphepho, ngibashabalalisa okodaka emgwaqweni.
Makuthi bonke labo abathabela okubi okungehlele, bahlazeke, badumale. Makuthi labo abazikhukhumeza ngami, bathelwe ngehlazo, bajabhe, balulazeke.
Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami, nxa izitha zami zingiklolodela, zithi kimi usuku lonke: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”
Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku, ngokuba usuku lonke bathi kimi: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”
Olungileyo uyojabula uma ebona impindiselo, uyogeza izinyawo zakhe egazini lababi,
Kungani abeziwe bethi phambi kwamehlo ethu: “Ukuphi uNkulunkulu wabo na?” Ukuphindiselelwa kwegazi lezinceku zakho elichithekileyo makwaziwe kwabezizwe.
Simakade, isandla sakho siphakeme, kodwa abasiboni. Mababone intshisekelo yakho ngabantu bakho, babe namahloni; bazoqothulwa ngumlilo owubekele izitha zakho.
“Ngimvusile enyakatho, futhi usefikile, kusukela ekuphumeni kwelanga, uyakubiza iGama lami; uyakwehlela phezu kwababusi njengaphezu kodaka, nanjengombumbi exovaxova ibumba.
“Ngokuba bheka, ngizakukwenza ube mncane phakathi kwezizwe, udelelwe phakathi kwabantu.
“Ngiyakuziphindiselela kulo iBhabhele, nakubo bonke abakhileyo eKhalideya, ngakho konke okubi abakwenze eZiyoni, nizibonela ngawenu amehlo,” kusho uSimakade.
“Sijabhile, ngokuba sithukiwe; ubuso bethu buthelwe ngehlazo, ngokuba abafokazi bangene ezindaweni ezingcwele zendlu kaSimakade.”
Bayakubhinca indwangu eyisaka, uvalo lubasibekele, amahloni abe sebusweni babo bonke, amakhanda abo bonke abe yizimpandla.
Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, igekle, ihabhu, umqangala, ugubhu, igemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwayo, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngaso leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu onganophula esandleni sami na?”
Abaphristi, izikhonzi zikaSimakade, mabakhale phakathi kompheme ne-althare, bathi: “Hawukela abantu bakho, Simakade, ungalenzi ifa lakho libe yinto yokuthukwa nenhlekisa, kungani kufanele bathi phakathi kwabezizwe: ‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”
Ngenxa yobudlova obenziwa kumfowenu uJakobe, uyakuthelwa ngehlazo, kuqedwe nya ngawe unomphelo.
Kodwa kwakungafanele uthokoze ngosuku lomfowenu mhla evelelwa yishwa. Kwakungafanele ujabule mayelana nabantu bakwaJuda ngosuku lokubhujiswa kwabo. Kwakungafanele ubhuqe ngomlomo wakho ngosuku losizi.
Manje izizwe eziningi zihlangene ngawe, zithi: “Malingcoliswe, amehlo ethu mawaligqolozele iZiyoni.”
Sitha sami, ungasini ngethambo lami; ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uSimakade uyakuba ngukukhanya kwami.
USimakade usisusile isigwebo sakho, wasixosha nesitha sakho. INkosi yakwa-Israyeli, uSimakade, iphakathi kwakho, awusayukwesaba futhi okubi.
Bayakuba njengamaqhawe enyathela udaka emigwaqweni lapho kuliwa. Bayakulwa, ngokuba uSimakade ungakubo, bathelwe ngehlazo abagibeli bamahhashi.
Niyakuzibonela nina ngawenu amehlo, qede nithi: ‘Mkhulu uSimakade, kuze kudlulele nangale kwemingcele yakwa-Israyeli.’
Niyakugxoba abangalungile, ngokuba bayakuba wuthuli phansi kwezinyawo zenu ngosuku engiyakukwenza ngalo,” kusho uSimakade Wamabandla.
Wethembele kuNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ”
AmaKhanani nabo bonke abakhileyo kuleli lizwe bazokuzwa ngalokhu bese beyasizungeza, balishabalalise igama lethu emhlabeni. Uyakulenzelani-ke igama lakho elikhulu kangaka, na?”
Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”