UJoweli 1:7 - IsiZulu 2020 Sicekele phansi umvini wami, nomkhiwane wami sawuphundla kwasala isiphunzi. Saxebula amagxolo awo sawalahla, amagatsha awo aba mhlophe qwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sichithile umvini wami, saxebula umkhiwane wami; siwuxhozile nokuwuxhoza, sawulahla, amagatsha awo sawenza aba mhlophe. Contemporary Zulu Bible 2024 Yawuchitha umvini wami, yawukhonkotha umkhiwane wami; Wayihlubula, wayilahla; amagatsha awo enziwe aba mhlophe. |
Isikhonyane salihlasela lonke iGibhithe, sagcwala kulo lonke iGibhithe, sasinzima kakhulu. Sasingakaze sibonwe isikhonyane esinjengalesi ngaphambilini, futhi asikho esiyofana naso nasemveni kwalokhu.
Salemboza lonke iGibhithe kwangabonakala ngisho namhlabathi, kwaba mnyama kulo lonke izwe. Sashaya sabhuqa konke okumilileyo ezweni, nazo zonke izithelo ezazishiywe yisichotho ezihlahleni, kwangasala lutho oluluhlaza ezihlahleni, nakokumilileyo emasimini kulona lonke iGibhithe.
Iwayini elisha liphelile, imivini iyabuna; bayabubula bonke abanhliziyo zeneme.
Ngizosenza sibe yincithakalo; asiyukuthenwa, asiyukulinywa, kodwa kuyakumila amakhakhasi nameva; ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”
“ ‘Bengizobutha nokubutha, kepha awekho amagilebhisi namakhiwane emkhiwaneni; amaqabunga abunile engabanika khona bakwephuciwe,’ ” kusho uSimakade.
Ngiyakucekela phansi imivini yakhe nemikhiwane yakhe, athe ngakho: ‘Kuyinkokhelo yami ezinginike yona izithandwa zami;’ ngizokwenza kube yihlozi, izilwane zasendle zikudle.
Umvini ubunile, nomkhiwane womile; amahananadi, amasundu, izihlahla zamahhabhula nemithi yonke yasendle kubunile, impela intokozo iphelile kubantwana babantu.
“Nganishaya ngokuhwamuka nesikhutha; izivande zenu ezininingi, izivini zenu, imikhiwane yenu neminqumo yenu kwadliwa yisikhonyane, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.
Noma umkhiwane ungeqhakaze, nemivini ingabi nazithelo, nomsebenzi womnqumo ungaphumeleli, amasimi angabi nasivuno, kungabi bikho mhlambi wezimvu nezimbuzi esibayeni nazinkomo esibayeni,
“Ngiyakunivimbela isikhonyane ukuba singaziqothuli izitshalo zenu ezivela emhlabathini, nemivini yenu ingabi ngengatheliyo emasimini,” kusho uSimakade Wamabandla.