Wayesethi uJehu: “Mahlukaniseleni uBhali umhlangano womkhosi.” Bawumemezela-ke.
UJoweli 1:14 - IsiZulu 2020 Memezelani usuku olungcwele lokuzila ukudla, nibize umhlangano, niqoqele amalunga nazo zonke izakhamuzi zezwe endlini kaSimakade uNkulunkulu wenu, nikhale kuSimakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngcwelisani ukuzila ukudla, nibize umhlangano; buthani amalunga, yebo, bonke abakhe ezweni, endlini kaJehova uNkulunkulu wenu, nikhale kuJehova. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngcwelisani usuku lokuzila ukudla, nibize umbuthano onesizotha, nibuthe amalunga nabo bonke abakhileyo ezweni endlini kaJehova uNkulunkulu wenu, nikhale kuJehova, |
Wayesethi uJehu: “Mahlukaniseleni uBhali umhlangano womkhosi.” Bawumemezela-ke.
UJuda wonke wayemi phambi kukaSimakade kanye nezingane zabo, omkabo nabantwana babo.
Nsuku zonke, kusukela osukwini lokuqala lomkhosi kuze kube ngolokugcina, wayefunda encwadini yomthetho kaNkulunkulu. Bawugubha izinsuku eziyisikhombisa, kwathi ngosuku lwesishiyagalombili bahlangana, ukuze bawuvale ngesizotha umkhosi njengoba kubekwe emthethweni.
“Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.”
“UJuda uyalila, amasango akhe awile, balilela izwe; ukukhala kweJerusalema kwenyukele phezulu.
Kwathi ngonyaka wesihlanu wokubusa kukaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yesishiyagalolunye, bonke abantu baseJerusalema nabo bonke ababevela emizini yakwaJuda, beza eJerusalema, bamemezela ukuzila phambi kukaSimakade.
Yizwani lokhu nina malunga, nibeke indlebe nonke nina zakhamuzi zezwe. Kwake kwenzeka yini lokhu emihleni yenu noma ezinsukwini zokhokho benu na?
Izinsuku eziyisikhombisa niyakunikela ngomnikelo womlilo kuSimakade. Ngosuku lwesishiyagalombili nibe nomhlangano ongcwele, niyonikela ngomnikelo womlilo kuSimakade, ngumhlangano ohloniphekileyo; aniyukwenza msebenzi.
Abantu baseNineve bakholwa kuNkulunkulu, base bememezela ukuzila ukudla, nokuba kugqokwe indwangu yesaka kusukela kwabakhulu babo kuya kwabancane.
kodwa abantu nemfuyo makwembathe amasaka, kukhulekwe kakhulu kuSimakade, kube yilowo nalowo aphenduke, ashiye ububi nobudlova bakhe.