Wasuka lapho waya kwelezintaba empumalanga yeBhethele, wagxumeka ithende lakhe lapho. IBhethele yayingasentshonalanga, i-Ayi ingasempumalanga. Kulapho-ke akhela khona uSimakade i-althare, wakhuleka egameni likaSimakade.
UJoshuwa 7:2 - IsiZulu 2020 UJoshuwa wathumela amadoda esuka eJerikho eya e-Ayi, umuzi owawuseduzane neBhethi Aveni ngasempumalanga yeBhethele, wathi kuwo: “Khuphukani niyohlola izwe.” Amadoda ahamba, awuhlola umuzi i-Ayi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJoshuwa wathuma amadoda, asuka eJeriko aya e-Ayi eliseceleni kweBeti Aveni ngasempumalanga kwaseBethele, wakhuluma kuwo, wathi: “Khuphukani, nilihlole izwe.” Amadoda akhuphuka ahlola i-Ayi. Contemporary Zulu Bible 2024 UJoshuwa wayesethuma amadoda asuka eJeriko aya e-Ayi eseduze neBeti Aveni ngasempumalanga kwaseBethele, wakhuluma kuwo, wathi: “Khuphukani, nilihlole izwe.” Akhuphuka amadoda, abheka i-Ayi. |
Wasuka lapho waya kwelezintaba empumalanga yeBhethele, wagxumeka ithende lakhe lapho. IBhethele yayingasentshonalanga, i-Ayi ingasempumalanga. Kulapho-ke akhela khona uSimakade i-althare, wakhuleka egameni likaSimakade.
Wayiqamba leyo ndawo ngokuthi yiBhethele, kodwa ekuqaleni igama lalowo muzi lalaziwa ngokuthi yiLuzi.
Abozalo lukaBhenjamini, kusukela eGebha, bahlala eMikhimashi, e-Ayi, eBhethele nasemizaneni yalo,
“Khihla isililo, Heshibhoni, ngokuba i-Ayi ibhujisiwe, khalani, madodakazi aseRabha, nibhince indwangu eyisaka; nilile, nigijime phakathi kwezingange, ngokuba inkosi yalo izothunjwa, nabaphristi balo nezikhulu zalo, kanyekanye.
“Nakuba wena Israyeli ufeba, uJuda makangabi nacala; ungayi eGiligali, ungakhuphukeli eBhethi Aveni, ungafungi ngokuphila kukaSimakade.
“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.
Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, ningabi njengabangahlakaniphile, kodwa njengabahlakaniphileyo,
Umngcele wabo ngasenyakatho wawusuka eJordani, wenyuke eceleni kweJerikho ngasenyakatho, ukhuphukele kwelezintaba entshonalanga, uze uyogcina ehlane iBhethi Aveni.
UJoshuwa, indodana kaNuni, wayesethumela izinhloli ezimbili isinyenyela, zisuka eShithimu, wathi kuzo: “Hambani nisihlolele izwe, ikakhulu iJerikho.” Zahamba, zafike zangenisa endlini yesifebe esibizo laso nguRahabi, zalala khona.
Abuyela kuJoshuwa, athi kuye: “Akudingekile ukuba kungakhuphuka yonke impi; akuhambe amadoda ayizi-2 000 noma ayizi-3 000 awuhlasele umuzi i-Ayi. Ngokuba ingumuzi omncane, makungakhuphuki wonke umuntu, kodwa abayingcosana.”
AmaFilisti abuthanela ukulwa no-Israyeli: izinqola eziyizi-30 000, abamahhashi abayizi-6 000, nabantu ababebaningi ngangesihlabathi ogwini lolwandle, benyuka bakanisa eMikhimashi empumalanga eBhethi Aveni.
USimakade wamsindisa u-Israyeli ngalolo lusuku. Impi yalwa yaze yedlulela eBhethi Aveni.