Afika namanye amadodana kaJakobe afica izidumbu, ayesewuphanga umuzi, ngokuba wayengcoliselwe lapho udadewabo.
UJoshuwa 7:1 - IsiZulu 2020 Kepha abantu bakwa-Israyeli abethembekanga mayelana nezinto ezaziqalekisiwe. U-Akhani, indodana kaKharimi kaZabidi kaZera wesizwana sakwaJuda, wathatha ezinye zezinto ezaziqalekisiwe; ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwavuthela bonke abantu bakwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha abantwana bakwa-Israyeli beqa ngokuqalekisiweyo, lokhu u-Akani kaKarmi kaZabidi kaZera, owesizwe sakwaJuda, ethatha kukho okuqalekisiweyo; intukuthelo kaJehova yabavuthela abantwana bakwa-Israyeli. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha abantwana bakwa-Israyeli benza isiphambeko engcebweni; ngoba u-Akani indodana kaKarmi kaSabidi indodana kaSeraki wesizwe sakwaJuda wathatha empangweni, intukuthelo kaJehova yabavuthela abantwana bakwa-Israyeli. |
Afika namanye amadodana kaJakobe afica izidumbu, ayesewuphanga umuzi, ngokuba wayengcoliselwe lapho udadewabo.
Intukuthelo kaSimakade yabuye yamvuthela u-Israyeli. Wamvusa uDavide ukuba amelane naye, ngokuthi kuye: “Hamba ubale u-Israyeli noJuda.”
Esefikile egqumeni wakuthatha esandleni sazo, wakubeka endlini, wabavumela abantu ukuba basuke, bahambe.
Bayishiya indlu kaSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, bakhonza o-Ashera nezithombe; intukuthelo kaSimakade yehlela uJuda neJerusalema ngenxa yalokho.
ngathi: “Nkulunkulu wami, nginamahloni, ngihlazeke kakhulu, ngesaba ngisho ukubheka kuwe, Nkulunkulu wami, ngokuba izono zethu sezedlula amakhanda ethu, necala lethu selifinyelela emazulwini.
Ukukhohlakala kwakho kuthinta abanye abantu abafana nawe, kanjalo nokulunga kwakho kuthinta abanye abantu.
Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, kodwa isikhohlakali sisinye sibhubhisa okuhle okuningi.
“Kuwena Nkosi kukhona ukulunga, kepha thina sinamahloni njenganamuhla: kubantu bakwaJuda, nezakhamuzi zaseJerusalema, nakuye wonke u-Israyeli, abaseduze nabakude, kuwo onke amazwe obahlakazele kuwo ngenxa yezeqo zabo abeqe ngazo kuwe.
UMose wayesethi ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Ithamari, amadodana akhe: “Ningaziqaqi izinwele emakhanda enu, ningaziklebhuli izembatho zenu ukuze ningafi, bese intukuthelo yehlela yonke inhlangano, kepha abafowenu, indlu yonke yakwa-Israyeli, ingalila ngenxa yokusha akulethileyo uSimakade.
Amatilosi ahlanganisa amakhanda, athi: “Wozani senze unkatho, sibone ukuthi ngubani oyimbangela yalobu bubi obusehlelayo na? Alwenza-ke unkatho, lwadla uJona.”
“Isho kanje inhlangano yonke kaSimakade: ‘Siphambeko sini lesi enisenze kuNkulunkulu ka-Israyeli ukuba nimjikele namuhla ngokungabe nisamlandela uSimakade ngokuzakhela i-althare, na? Ningamhlubuka kanjani uSimakade namuhla, na?
ukuba namuhla nimhlubuke ningabe nisamlandela uSimakade, na? Uma nimhlubuka namuhla uSimakade, uzoyithukuthelela yonke inhlangano ka-Israyeli kusasa.
U-Akhani, indodana kaZera, akenzanga yini isiphambeko ngokuqalekisiweyo, kwathi yonke inhlangano yakwa-Israyeli yehlelwa yintukuthelo, na? Akazange abhubhe yedwa ngenxa yesiphambeko sakhe.’ ”