Ngiphephela kuwe Simakade; uyisiphephelo sami. Kungani pho nithi kimi: “Balekela ezintabeni njengenyoni.
UJoshuwa 2:16 - IsiZulu 2020 Wathi kuwo: “Hambani nilibhekise kwelezintaba, ukuze abanixoshayo banganitholi. Cashani lapho izinsuku ezintathu baze babuye abanixoshayo, bese niqhubeka nohambo lwenu.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wathi kuwo: “Khuphukelani entabeni, funa abanixoshayo banifice, nicashe khona izinsuku ezintathu, ukuze abanixoshayo babuye, andukuba nihambe indlela yenu.” Contemporary Zulu Bible 2024 Wathi kubo: “Hambani niye entabeni, funa bahlangane nani abanizingelayo; nicashe khona izinsuku ezintathu, baze babuye abawaxoshayo; emva kwalokho ungahamba. |
Ngiphephela kuwe Simakade; uyisiphephelo sami. Kungani pho nithi kimi: “Balekela ezintabeni njengenyoni.
Kanjalo uRahabi isifebe akalungisiswanga yini ngemisebenzi ngokuba wemukela izithunywa, wabuye wazishushumbisa ngenye indlela na?
URahabi wayesewehlisa ngentambo aphuma ngefasitela, ngoba indlu ayehlala kuyo yayiyingxenye yodonga lomuzi, yena ehlala ngaphakathi kodonga.
Ahamba abheka kwelezintaba, ahlala lapho izinsuku ezintathu baze babuya labo ababewaxosha. Ababewaxosha bawafuna kuyo yonke indawo ngasendleleni, kodwa abawafumananga.
UDavide wahlala ehlane ezinqabeni, wahlala kwelezintaba ehlane iZifi. USawule wamfuna zonke izinsuku, kodwa uNkulunkulu akamnikelanga esandleni sakhe.