Kwathi emva konyaka, uBheni Hadadi wahlanganisa ama-Aramu, wayesenyukela e-Afeki ukuyolwa no-Israyeli.
UJoshuwa 13:4 - IsiZulu 2020 lonke izwe lamaKhanani, neMehara yamaSidoni kuye kufike e-Afekhi nasemngceleni wama-Amori, IBHAYIBHELI ELINGCWELE lonke izwe lamaKhanani ngaseningizimu neMehara elingelamaSidoni kuze kufike e-Afeki nasemkhawulweni wama-Amori, Contemporary Zulu Bible 2024 Kusukela eningizimu, lonke izwe lamaKhanani, neMehara eliseceleni kwamaSidoni, kuze kufike e-Afeki, kuze kube semkhawulweni wama-Amori; |
Kwathi emva konyaka, uBheni Hadadi wahlanganisa ama-Aramu, wayesenyukela e-Afeki ukuyolwa no-Israyeli.
Insali yabalekela emzini e-Afeki; ugange lwawela phezu kwamadoda ayizi-27 000 ayesele. UBheni Hadadi wabalekela emzini, ukuyobhaca.
uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade kulo iJerusalema, ithi: “Indabuko yakho nokuzalwa kwakho kuseKhanani. Uyihlo wayengumAmoni, unyoko engumHithi.
“Mina nganikhipha eGibhithe, nganihola ehlane iminyaka engamashumi amane ukuba nidle izwe lama-Amori.
UJoshuwa walinqoba lonke izwe lezintaba, iNegevu, amathafa, imithambeka, namakhosi wonke alo; akashiyanga nayinye. Wakuqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.
nakumaKhanani empumalanga, nasentshonalanga, nakuma-Amori, amaHithi, amaPherizi, amaJebusi kwelezintaba, nakumaHivi phansi kweHermoni eMizpha.
Izwi likaSamuweli lafika kuwo wonke u-Israyeli. U-Israyeli waphuma wayolwa namaFilisti, wakanisa ngase-Ebheni Ezeri; amaFilisti akanisa e-Afeki.