U-Abhrahama noSara base bebadala, iminyaka yabo isihambile kakhulu, uSara engasakwazi ukuthola abantwana.
UJoshuwa 13:1 - IsiZulu 2020 UJoshuwa wayesemdala, eseneminyaka eminingi; uSimakade wathi kuye: “Usukhulile, neminyaka yakho isihambile, liseliningi izwe okusafanele ukuba lidliwe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJoshuwa wayesemdala eneminyaka eminingi; uJehova wathi kuye: “Usumdala uneminyaka eminingi, kepha kusasele izwe elikhulu kakhulu eliyakudliwa. Contemporary Zulu Bible 2024 UJoshuwa wayesemdala, ehlushwe iminyaka; uJehova wathi kuye: “Usumdala, uneminyaka eminingi, kusekhona izwe eliningi ongalidla. |
U-Abhrahama noSara base bebadala, iminyaka yabo isihambile kakhulu, uSara engasakwazi ukuthola abantwana.
Inkosi uDavide yayisikhulile, neminyaka yayo isiminingi impela. Bayembesa ngezingubo, kepha kwanhlanga zimuka nomoya; ayifudumalanga.
Umngcele wehlele eJordani, uphume ngasoLwandle Lukasawoti. Yilelo-ke izwe lenu ngokwemingcele yalo, nxazonke.’ ”
“Yala abantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Senizofika eKhanani, leli yizwe elizokuba yifa lenu, izwe lamaKhanani nemingcele yalo.
Kepha babengenamntwana, ngokuba u-Elizabethe wayeyinyumba, futhi bobabili base bekhulile.
Kepha uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuwela phambi kwakho, abhubhise lezi zizwe ubuka, uzidle; uJoshuwa uyowela phambi kwakho njengalokhu uSimakade eshilo.
“Manje, uSimakade ungivumele ngaphila njengalokhu ayeshilo, yonke le minyaka engama-45 kusukela ngesikhathi uSimakade akhuluma ngaso leli lizwi kuMose, ngesikhathi u-Israyeli esehamba edabula ehlane; manje ngisekhona nanamuhla, sengineminyaka engama-85.
Ngakho-ke uJoshuwa wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Niyakudembesela kuze kube nini ningaphumi nidle izwe uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu aninika lona na?
Kwathi emveni kwazo zonke lezo zinto uJoshuwa, indodana kaNuni, inceku kaSimakade, wafa eseneminyaka eyi-110.