UDavide wenza njengalokhu uSimakade ayemyalile, wawabhubhisa amaFilisti kusukela eGebha kuze kuyofika eGezeri.
UJoshuwa 12:12 - IsiZulu 2020 inkosi yase-Egiloni: iyodwa; inkosi yaseGezeri: iyodwa; IBHAYIBHELI ELINGCWELE inkosi yase-Egiloni: inye; inkosi yaseGezeri: inye; Contemporary Zulu Bible 2024 inkosi yase-Egiloni, eyodwa; inkosi yaseGezeri, eyodwa; |
UDavide wenza njengalokhu uSimakade ayemyalile, wawabhubhisa amaFilisti kusukela eGebha kuze kuyofika eGezeri.
Izizukulwane zabo zangena kulo, zahlala. Labo ababehlala kulelo lizwe, wabenza bakhonza kuzo. AmaKhanani namakhosi awo nabanye abantu ababehlala ezweni, wabanikela kuzo ukuba zibaphathe ngokuthanda kwazo.
Benza kanjalo-ke; bawakhipha, bawaletha kuye lawo makhosi amahlanu ayesemgedeni: inkosi yaseJerusalema, inkosi yaseHebhroni, inkosi yaseJarimuthi, inkosi yaseLakhishi, nenkosi yase-Egiloni.
Ngakho-ke u-Adoni Zedeki, inkosi yaseJerusalema, wathumela kuHohamu inkosi yaseHebhroni, nakuPhiramu inkosi yaseJarimuthi, nakuJafiya inkosi yaseLakhishi, nakuDebhiri inkosi yase-Egiloni, wathi:
Kwase kukhuphuka uHoramu, inkosi yaseGezeri, ukuzosiza iLakhishi, kepha uJoshuwa wayibulala nabantu bayo, akashiyanga namunye kubo.
UJoshuwa wasuka eLakhishi, nabo bonke abakwa-Israyeli, baya e-Egiloni; bakanisa maqondana nalo, balwa nalo.