UJoshuwa 11:1 - IsiZulu 2020 Ngesikhathi uJabhini, inkosi yaseHazori, ezwa ngalokhu, wathumela kuJobabhi inkosi yaseMadoni, nasenkosini yaseShimironi, nasenkosini yase-Akhishafu, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi lapho uJabini inkosi yaseHasori ekuzwa lokho, wathumela kuJobabi inkosi yaseMadoni, nakuyo inkosi yaseShimroni, nakuyo inkosi yase-Akishafu, Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi uJabini inkosi yaseHasori ekuzwa lokho, wathumela kuJobabe inkosi yaseMadoni, nasenkosini yaseShimroni, nasenkosini ka-Asafa, |
uBheni Abhinadaba kulo lonke iNafathi Dori; uThafati, indodakazi kaSolomoni, wayengumkakhe;
Nansi-ke indaba emaqondana nezisebenzi ezabizwa yinkosi uSolomoni ukuzokwakha indlu kaSimakade, isigodlo sayo, iMilo, ugange eJerusalema, iHazori, iMegido neGezeri.
Ngezinsuku zenkosi uPheka kwa-Israyeli, uThigilathi Phileseri, inkosi yase-Asiriya, wahlasela, wadla i-Ijoni, i-Abhela Bhethi Mahakha, iJanowa, iKedeshi, iHazori, iGileyadi, iGalile nalo lonke izwe lakwaNafethali, wabathumba, wabayisa e-Asiriya.
Simakade, isandla sakho siphakeme, kodwa abasiboni. Mababone intshisekelo yakho ngabantu bakho, babe namahloni; bazoqothulwa ngumlilo owubekele izitha zakho.
Uma udabula emanzini, Mina ngiyokuba nawe, nemifula ayiyukukukhukhula; nalapho udabula emlilweni, awuyukusha; ilangabi aliyukukushisa.
UJoshuwa wabuya ngaleso sikhathi, wadla iHazori, wabulala inkosi yalo ngenkemba, ngokuba iHazori kuqala laliyinhloko yayo yonke leyo mibuso.
USisera wabaleka ngezinyawo waze wayofika ethendeni likaJayeli, umkaHebhere umKheni, ngokuba kwakunokuthula phakathi kukaJabhini, inkosi yaseHazori, nabendlu kaHebhere umKheni.
Ngakho-ke uSimakade wabanikela esandleni sikaJabhini, inkosi yaseKhanani, owayebusa eHazori, umkhuzi wempi yakhe kwakunguSisera owayehlala eHaroshethi labezizwe.
“Amakhosi afika, alwa; alwa namakhosi aseKhanani, eThahanakhi, ngasemanzini eMegido; awatholanga mpango yesiliva.