Ngokuba umshungu wabangenabunkulunkulu uyinyumba, nomlilo uqothula amathende athengwa ngokufunjathiswa.
UJobe 8:22 - IsiZulu 2020 Abakuzondayo bayothelwa ngehlazo; ithende lezikhohlakali alisayukuba bikho.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abakuzondayo bayakwembeswa amahloni; itende lababi aliyobe lisabakho.” Contemporary Zulu Bible 2024 Abakuzondayo bayokwembathiswa ihlazo; futhi indawo yokuhlala yababi iyochithwa. |
Ngokuba umshungu wabangenabunkulunkulu uyinyumba, nomlilo uqothula amathende athengwa ngokufunjathiswa.
Intambo yethende labo ayibhonculiwe yini kubo, futhi bafe bengenakho ukuhlakanipha na?’ ”
Awusithetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini, uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”
Makuthi bonke labo abathabela okubi okungehlele, bahlazeke, badumale. Makuthi labo abazikhukhumeza ngami, bathelwe ngehlazo, bajabhe, balulazeke.
Zonke izikhulu zamazwe agudle ulwandle, ziyakwehla ezihlalweni zazo zobukhosi, ziyishiye phansi imijiva yazo, zikhumule izingubo zazo ezifekethisiweyo, bese zembatha ukuthuthumela, zihlale emhlabathini, zithuthumele njalo, futhi zimangale ngawe.
Inkosi iyakulila, isikhulu sembathe incithakalo, nezandla zabantu bezwe ziyakuqhaqhazela. Ngiyakubaphatha njengokuziphatha kwabo, ngibehlulele ngokwemithetho yabo, bayakukwazi ukuthi Mina nginguSimakade.’ ”
‘Ngiyakusithumela, singene endlini yesela nasendlini yofunga amanga ngegama lami. Siyakuhlala phakathi endlini yakhe, siyishabalalise nezingodo zayo namatshe ayo.’ ”
Kanjalo nani zinsizwa, thobelani amalunga, kodwa nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelene nabazidlayo, kodwa abathobekileyo ubapha umusa.