URibheka wayesethi ku-Isaka: “Ngikhathazekile ngempilo yami ngenxa yabesifazane bamaHithi. Uma uJakobe naye engase aganwe ngenye yezintombi zamaHithi akule ndawo, ngiyothi ngisaphilelani na?”
UJobe 7:16 - IsiZulu 2020 Ngiyakuzonda ukuphila kwami, angiyukuhlala njalo, ngiyeke, ngokuba imihla yami iyize. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyanengwa yiwo; mangingahlali njalo; ngiyeke, ngokuba imihla yami iyize. Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyanengwa; angiyikuphila njalo: ake ngime; ngoba izinsuku zami ziyize. |
URibheka wayesethi ku-Isaka: “Ngikhathazekile ngempilo yami ngenxa yabesifazane bamaHithi. Uma uJakobe naye engase aganwe ngenye yezintombi zamaHithi akule ndawo, ngiyothi ngisaphilelani na?”
Yena wahamba uhambo losuku ehlane, waze wayohlala phansi kwesihlahla sonwele. Enhliziyweni yakhe wafisa ukufa, wathi: “Sekwanele manje, Simakade! Sale usuwuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunokhokho bami.”
“Ngiyakuzonda ukuphila kwami, ngizokhononda ngokukhululeka, ngizokhuluma ebumunywini bomphefumulo wami.
Izinsuku zokuphila kwami aziyingcosana yini na? Ake ungiyeke, kengithole ukuthokoza kancane nje,
Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya, iso lami aliyukubuye likubone okuhle.
Susa inhlupheko ongehlisele yona, ngenxa yokucindezelwa yisandla sakho, ngiyaphela.
Yeka ukungigqolozela, ukuze ngibuye ngimamatheke, ngaphambi kokuba ngemuke, ngingabe ngisaba khona.”
“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje, impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.
Abantukazana bangumoya nje, nezikhulu zingamabunga, uma bekalwa isilinganiso siyenyuka, kodwa bonke balula kunomoya.
Ngase ngikuzonda ukuphila ngoba umsebenzi owenziwa phansi komthunzi welanga ungububi kimi. Konke kuyize, kufana nokubamba utalagu.
Insali yonke eseleyo kulowo nalowo mndeni omubi, iyoqoma ukufa kunokuphila, leyo eyosala ezindaweni zonke, lapho ngiyidingisele khona,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.
Manje Simakade, ngiyakucela ukuba ungibulale ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.”
Kuthe lapho selibalele likhipha umkhovu etsheni, uNkulunkulu wathumela umoya weshisandlu. Ilanga lahlaba ekhanda likaJona waze wacishe waquleka. Wazicelela kuNkulunkulu ukuba afe, ethi: “Kungcono ukufa kunophila.”