Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJobe 5:7 - IsiZulu 2020

Wonke umuntu uzalelwe ukuhlupheka, njengoba nezinhlansi ziqhasha zibheke phezulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

ngokuba umuntu uzalelwa ukuhlupheka, njengokuba izinhlansi ziqhashela phezulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

Contemporary Zulu Bible 2024

Nokho umuntu uzalelwa ebunzimeni, njengoba izinhlansi zinyukela phezulu.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJobe 5:7
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele inkathazo.


“Umshikashika akusiwo yini owabantu emhlabeni, nemihla yabo ayinjengayo yini eyomqashwa na?


Izinsuku esiziphilayo ziyiminyaka engamashumi ayisikhombisa, kuthi uma ziziningi, zibe yiminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.


Zonke izinto ziyakhandla, umuntu angezichaze. Iso alideli ngokubona, nendlebe ayigcwali ngokuzwa.


Umuntu utholani ngakho konke ukushikashikeka nokukhandleka kwakhe phansi komthunzi welanga na?


Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe uwusizi; nasebusuku ingqondo yakhe ayikutholi ukuphumula. Nalokho kuyize.


Ngaphumelani esibelethweni ukuba ngibone ukuhlupheka nosizi, nezinsuku zami ziphelele ehlazweni na?


Anifikelwanga ngukulingwa okungenjengokwamuntu, kodwa uNkulunkulu uthembekile, akayukuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu. Kepha kuyakuthi lapho nilingwa, anenze nibe namandla okuphunyuka, nibe namandla okubekezela.