UJobe 5:19 - IsiZulu 2020 Uyokuhlenga ezinhluphekweni eziyisithupha, yebo, nakweziyisikhombisa awuyukuthintwa wububi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakophula ezinhluphekweni eziyisithupha; yebo, nakweziyisikhombisa awuyikuthintwa ngokubi. Contemporary Zulu Bible 2024 Uzakusindisa ezinhluphekweni eziyisithupha; yebo, kwabayisikhombisa akuyikukuthinta okubi. |
Abantu wabavumela ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu. Sadabula emlilweni nasemanzini, kodwa wasikhiphela endaweni ebanzi.
Uyakungibiza, ngimphendule, ngibe naye lapho esosizini, ngimkhulule, ngimenze abe nodumo.
ngokuba noma olungileyo angawa kasikhombisa, uyobuye avuke, kepha izikhohlakali ziyowiswa ngokubi.
Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uSimakade, yebo, eziyisikhombisa eziyisinengiso esikhulu emphefumulweni wakhe:
Uma udabula emanzini, Mina ngiyokuba nawe, nemifula ayiyukukukhukhula; nalapho udabula emlilweni, awuyukusha; ilangabi aliyukukushisa.
Kepha wena ngiyakukusindisa ngalolo lusuku, kusho uSimakade, awuyukunikelwa esandleni sabantu obesabayo.
Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi.
Yaphendula yathi: “Bhekani, ngibona amadoda amane akhululekileyo ehamba phakathi komlilo, awafanga; eyesine ibonakala ifana nendodana yonkulunkulu.”
Yayisiyaleza inkosi, walethwa uDaniyeli, waphonswa emphandwini wezingonyama. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Sengathi uNkulunkulu wakho omkhonza njalo angakuhlenga.”
Kwase kulethwa itshe, labekwa emlonyeni womphandu. Inkosi yalinamathelisa ngendandatho yayo nangendandatho yezikhulu zayo, ukuze kungaguqulwa lutho maqondana noDaniyeli.
Anifikelwanga ngukulingwa okungenjengokwamuntu, kodwa uNkulunkulu uthembekile, akayukuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu. Kepha kuyakuthi lapho nilingwa, anenze nibe namandla okuphunyuka, nibe namandla okubekezela.
Bazalwane, asithandi ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya, ukuthi sabhekana nobunzima obungaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila.
Ngakho-ke iNkosi iyakwazi ukukhulula ekulingweni labo abamesabayo uNkulunkulu, nokugcina abangalungile ukuze ibajezise ngosuku lokwehlulelwa,