UJobe 5:10 - IsiZulu 2020 Yena onisa imvula emhlabeni, athumele amanzi ebusweni bomhlaba, IBHAYIBHELI ELINGCWELE yena onisa imvula emhlabeni, athume amanzi ebusweni bamasimu, Contemporary Zulu Bible 2024 onisa imvula emhlabeni, athumele amanzi endle. |
Ngokuba uthi eqhweni: ‘Khithikela emhlabeni;’ kanjalo nasesihlambini semvula, yebo, ezihlambini zezimvula zakhe ezinamandla.
osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni.
Lapho eduma ngezwi lakhe, kuhlokoma amanzi ezulwini; ukhuphula inkungu emikhawulweni yomhlaba, athumele umbani nemvula, akhiphe umoya ezinqolobaneni zakhe.
Ngabe kukhona yini phakathi konkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula na? Amazulu angaziletha yini izihlambi na? Akunguwe yini Simakade esiyakukulindela ngesineke na? Ngokuba nguwe owenze konke lokhu.
Abashongo ezinhliziyweni zabo, ukuthi: ‘Ake sesabe uSimakade uNkulunkulu wethu, onika imvula yokuqala neyakamuva ngesikhathi sayo, osigcinele amasonto anqunyiweyo okuba sivune.’
“Nganigodlela futhi nemvula, kusasele izinyanga ezintathu kuvunwe; ngayidedela komunye umuzi; ngangalinisa komunye, ngayidedela kwesinye isiqephu sezwe, ngangalinisa kwesinye isiqephu, kwathi isiqephu engananga kuso sasha.
Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle; waninika imvula yasezulwini ngezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokunjalo.”