futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”
UJobe 4:3 - IsiZulu 2020 Yebo, ubafundisile abaningi, waqinisa izandla ezintekenteke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bheka, uqondisile abaningi; uqinisile izandla ezibuthakathaka. Contemporary Zulu Bible 2024 Bheka, ufundisile abaningi, waqinisa izandla ezibuthakathaka. |
futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”
Babuye bawugubha ngentokozo umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa, ngokuba uSimakade wayebathokozisile, waguqula inhliziyo yenkosi yase-Asiriya, yabeseka ukwakha kabusha indlu kaNkulunkulu ka-Israyeli.
Izindebe zolungileyo zondla abaningi, kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.
Izindebe zabahlakaniphileyo zisabalalisa ulwazi, kepha akunjalo enhliziyweni yeziwula.
Onengqondo ehlakaniphileyo ubizwa ngokuthi unokuqonda, nenkulumo emtoti yandisa imfundiso.
INkosi uSimakade inginikile ulimi lwabafundi ukuze ngikwazi ukuqinisa okhatheleyo ngezwi; njalo ekuseni ivusa indlebe yami, ukuba ngilalele njengofundiswayo.
Ngokuba nidabukise inhliziyo yolungileyo ngamanga; Mina angizange ngimdabukise; niqinise izandla zezikhohlakali ukuze zingaphenduki endleleni yazo embi, zisindiswe.
Ngalolo lusuku kuyakuthiwa kulo iJerusalema: “Ungesabi, Ziyoni! Izandla zakho mazingayethi.
Kepha Mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli. Wena-ke, uma usuphendukile, uqinise abafowenu.”
Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuba kudingeka, ukuze libaphe umusa abezwayo.
Kodwa yala uJoshuwa, umqunge isibindi, umqinise, ngokuba uyakuwela ehola laba bantu, abenze ukuba balidle izwe oyakulibona.’
Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyoliswe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.