Iyakhohlwa wukuthi unyawo lungawachoboza, nokuthi isilwane sasendle singawanyathela.
UJobe 39:16 - IsiZulu 2020 Iwaphatha ngesihluku amazinyane ayo, kube sengathi akusiwo awayo, ayesabi ukuthi umshikashika wayo ungase ube yize. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Iphatha kalukhuni amazinyane ayo, kungathi awasiwo awayo; ayinangebhe yokuthi umshikashika wayo ungaba yize. Contemporary Zulu Bible 2024 Ulukhuni ngokumelene nabancane bakhe kungathi abasibo abakhe; umshikashika walo uyize, angesabi; |
Iyakhohlwa wukuthi unyawo lungawachoboza, nokuthi isilwane sasendle singawanyathela.
“Bheka, Simakade, ngubani omunye osuwake wamphatha ngalolu hlobo na? Kuyikho yini ukuba onina badle abantwana babo, izingane zabo abazikhulisayo na? Kuyikho yini ukuba abaphristi nabaphrofethi babulawelwe e-althare leNkosi na?
Ngisho nezimpungushe ziyawancelisa amazinyane azo, kodwa abesifazane babantu bami, ababanaki abantwana babo, banonya njengezintshe zasendle.
Uyabona-ke, akuveli yini kuSimakade Wamabadla, ukuthi abantu bakhandleke ukuze banelise umlilo, nezizwe zizikhathaze ngokuyize na?