UJobe 39:1 - IsiZulu 2020 “Uyasazi yini isikhathi sokuzala kwezimbuzi zezintaba na? Uke ukuqaphele yini ukuzala kwezindluzelekazi na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Uyazi yini isikhathi sokuzala kwamagogo, uqaphela ukuzala kwezindluzelekazi, na? Contemporary Zulu Bible 2024 Uyasazi yini isikhathi lapho izimbuzi zasendle zizala khona na? noma ungakwazi ukumaka lapho indluzelekazi ithola amathole? |
Izwi likaSimakade liphunzisa izimbabala; liphundla amahlathi, konke okusethempelini lakhe kuthi: “Udumo!”
Yebo, nendluzelakazi izalele endle, yalishiya lapho izinyane, ngokuba abukho utshani.
USawule wathatha abantu abayizi-3 000 ababekhethwe phakathi kwawo wonke u-Israyeli, wahamba nabo, bayofuna uDavide nabantu bakhe emaDwaleni amaGogo.