Abacibishelayo bakhe bangihaqile, uqhekeze izinso ngokungenaluzwelo, inyongo yami uyichithe emhlabathini.
UJobe 34:6 - IsiZulu 2020 Noma ngiqinisile kepha ngithathwa njengonamanga, inxeba lami alipholi, nakuba ngingenzanga siphambeko.’ IBHAYIBHELI ELINGCWELE Phezu kokwahlulelwa kwami ngishaywa onamanga; inxeba lami alinakupholiswa, noma ngingenasiphambeko.’ Contemporary Zulu Bible 2024 Kufanele ngiqambe amanga ngiphikisa ilungelo lami na? isilonda sami asinakuphulukiswa, singenasiphambeko. |
Abacibishelayo bakhe bangihaqile, uqhekeze izinso ngokungenaluzwelo, inyongo yami uyichithe emhlabathini.
Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi, ubuthi bayo buphuzwa ngumoya wami, ukwesabisa kukaNkulunkulu kunami shaqa.
Kungani ubuhlungu bami bungapheli, nenxeba lami lingelapheki na? Liyala ukuphola; impela kimi ufana nomfudlana okhohlisayo, nanjengamanzi angethembekile.