UJobe 30:10 - IsiZulu 2020 Bayangenyanya, bamela kude nami, abayeki ukungikhafulela ngamathe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bayanengwa yimi, bemi kude nami; abayeki ukungikhafulela ngamathe. Contemporary Zulu Bible 2024 Bayanengwa yimi, babalekela kude nami, abayekeli ukungikhafulela ebusweni. |
Abangani bami ebesingamathe nolimi nabo sebeyangenyanya, nalabo engibathandayo sebengifulathele.
Ubaxoshele kude ebengikade ngazana nabo, ungenze ngaba yisinengiso kubo; ngivalelwe, angikwazi ukuphuma.
Ompofu uzondwa ngisho nayizihlobo zakhe; kakhulu kangakanani-ke abangani bakhe? Bayaziqhelelanisa naye; noma efuna ukukhuluma nabo, abatholwa ndawo.
Nganika abashayi umhlane, nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu; angibusithelisanga ubuso bami ekungcofweni nasekufelweni ngamathe.
Ngabaxosha abelusi abathathu ngenyanga eyodwa, ngoba sengikhathele ukubabekezelela, sengidiniwe futhi yibona.
USimakade wathi kuMose: “Uma uyise ebemkhafulele ngamathe ebusweni, ubengelithwale yini ihlazo lakhe izinsuku eziyisikhombisa na? Makavalelwe ngaphandle kwenkambu izinsuku eziyisikhombisa; emveni kwalokho uyakubuye angeniswe.”
Kepha konke lokho kwenzekile ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaphrofethi.” Khona bonke abafundi bamshiya babaleka.
umkamfowabo uyosondela kuye phambi kwamalunga, akhumule isicathulo onyaweni lwakhe, amkhafulele ebusweni bakhe, athi kuye: ‘Makwenziwe kanje endodeni engayakhi indlu kamfowabo.’