UJobe 27:21 - IsiZulu 2020 Umoya wasempumalanga uyakumphephulela phezulu, umphephule asuke endaweni yakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umoya wasempumalanga uyamthatha, amuke; uyambhengula endaweni yakhe. Contemporary Zulu Bible 2024 Umoya wasempumalanga uyamthatha, amuke, njengesivunguvungu simdudula endaweni yakhe. |
Ungiphakamisele emoyeni, wangikhweza kuwo, wangiphonsa le nale ngokuhlokoma kwesivunguvungu.
Uyakunisa imvula yamalahle avuthayo nesibabule phezu kwababi, nomoya weshisandlu ube yisabelo sabo.
Amabhodwe enu engakakuzweli ukushisa kwezinkuni zameva, uyakuziphephula, noma ziluhlaza, noma zivutha.
Njengomoya wasempumalanga ngiyakubahlakaza phambi kwezitha zabo, ngibabonise umhlane, hhayi ubuso, ngosuku lwenhlekelele yabo.”
“Noma angaba yindodana enempumelelo kubafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaSimakade ovela ehlane; umthombo wakhe uyakuba namahloni, isiphethu sakhe sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, nazo zonke izinto eziyigugu.
Yafika imvula, kwafika izikhukhula nezivunguvungu zomoya; zayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!”