Intandane ihlwithwa ebeleni, nengane yompofu ithathwa ibe yisibambiso.
Intandane ihlwithwa ebeleni, nengane yompofu ithathwa ibe yisibambiso,
Bahluthula intandane esifubeni, bathathe isibambiso kwabampofu.
Owesifazane othile owayegane omunye wamadodana abaphrofethi, waya ku-Elisha wakhala, wathi: “Inceku yakho, indoda yami, ifile, uyazi ukuthi inceku yakho yayimesaba uSimakade. Kufike umtshelekisi, ufuna ukuzithathela abafana bami ababili ukuze babe yizigqila.”
Siyafana nabafowethu, nezingane zethu ziyafana nezabo, kodwa siphoqa amadodana ethu namadodakazi ethu ukuba abe yizigqila; asinamandla, amasimu ethu nezivini zethu manje sekungokwabanye.”
Ngokuba uthathe ngeze izibambiso kubafowenu, wahlubula abampofu izingubo zabo.
Bahamba nqunu bengenazembatho, bathwale izithungo, belambile.
Banethwe yimvula ezintabeni, babambelela edwaleni ngoba bengenayo indawo yokuphephela.
ngokuba ngakhulula abampofu abakhalayo, nezintandane ezingenamsizi.
Nenza unkatho ngentandane, nithengisa ngomngani wenu.
USimakade uze ukuzokwehlulela ekanye namalunga abantu bakhe nabaholi babo, uthi: “Yini eniqede isivini, nabuthela impango yabampofu ezindlini zenu.
“Uma umuntu ebanjwa eduna omunye wabafowabo babantu bakwa-Israyeli, amphathe njengesigqila, noma athengise ngaye, lowo mduni uyokufa, ngaleyo ndlela uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.