UJobe 23:13 - IsiZulu 2020 “Yena akaguquki, ngubani ongamguqula na? Wenza lokhu okufiswa ngumphefumulo wakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kodwa uyinto inye, ngubani ongambuyisa na? Okufisayo umphefumulo wakhe, lokho uyakwenza. Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa yena ungqondonye, ngubani ongambuyisa? nalokho umphefumulo wakhe okufisayo, uyakwenza. |
noma wazi kahle ukuthi anginacala, futhi akekho ongangihlenga esandleni sakho na?
Yena uma ebhidliza, akekho ongakha kabusha, uma evalela umuntu, akekho ongamvulela.
Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi akhe ngiwagcinile esifubeni sami.
Uma Yena ethula, ngubani ongamsola na? Uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? Ubusa isizwe nomuntu ngokufanayo,
Noma yini uSimakade ayithandayo uyayenza, ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke.
Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu, kepha inhloso kaSimakade iyokuma.
Ngiyazi ukuthi noma yini uNkulunkulu ayenzayo imi kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kuyo, nokungasuswa kuyo; uNkulunkulu lokhu ukwenzele ukuba abantu bamesabe.
owamemezela phambilini okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ethi: ‘Icebo lami liyakuma, ngiphumelelise yonke intando yami, ngifeze zonke izimfiso zami,
obiza inqe empumalanga nomuntu engizofeza ngaye icebo lami ezweni elikude; ngikhulumile, ngiyokukwenza lokhu; nginqumile, ngiyakukufeza.
bonke abakhileyo emhlabeni bashaywa into engelutho; wenza ngokuthanda kwakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni; akekho ongavimbela isandla sakhe, noma athi kuye: “Wenzani na?”
Ngakho-ke nizakuthi kimi: “Kungani pho esasithola sinecala na? Ngokuba ngubani ongamelana naye na?”
Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuYise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.