UJobe 22:4 - IsiZulu 2020 “Ngabe ukusola ngenxa yokumesaba kwakho yini, aze angene nawe ekwehlulelweni na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Kungokumesaba kwakho akusolayo, angene nawe ekwahlulelweni, na? Contemporary Zulu Bible 2024 Ingabe uyokukhuza ngokwesaba ngenxa yakho? Uyakuya nawe ekwahlulelweni na? |
yesabeni nina uqobo inkemba, ngokuba ulaka lungolweziphambeko ezifanele inkemba, ukuze nazi ukuthi ukwehlulela kukhona.”
Kuyintokozo yini kuSomandla uma ulungile? Kunomvuzo yini kuye uma wenza izindlela zakho zibe msulwa na?
Ngokuba uNkulunkulu akadingi ukuba amphenyisise umuntu ukuze eze phambi kwakhe ekwehlulelweni.
Ukuba besizwana amandla, nguye onamandla. Ukuba bekungubulungiswa, ngubani ongambizela icala na?
Ngokuba akasiye umuntu njengami ukuba bengingaqagulisana naye, nokuba ngibhekane naye esigcawini.
Ungayethwesi cala inceku yakho, ngokuba akukho namunye ophilayo olungile phambi kwakho.
Umuntu uyamjezisa ngenxa yesono sakhe, lokho okuligugu kuye, ukudla njengobuvunya, kuphele nya, wonke umuntu ungumoya nje. Sela
Ngokuba uNkulunkulu uyoyisa yonke imisebenzi ekwahluleleni, nazo zonke izimfihlo, noma ngabe zinhle noma zimbi.
“ ‘Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibayale. Ngakho-ke yiba ngoshisayo, uphenduke.