UJobe 22:11 - IsiZulu 2020 Uyokwembozwa ngubumnyama, ukuze ungaboni, nesikhukhula samanzi siyakukusibekela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ukukhanya kwakho kuphenduke ubumnyama, ukuze ungaboni, nesikhukhula samanzi siyakusibekela. Contemporary Zulu Bible 2024 Loba ubumnyama ongeke wabubona; futhi amanzi amaningi akusibekele. |
“Banejubane ebusweni bamanzi, izabelo zabo ziqalekisiwe emhlabeni, abasayukuphendukela endleleni yezivini.
Bahlangabezana nobumnyama emini kwabha, baphuphutheke emini, kube sengathi kusebusuku.
Lapho kuhlokoma izimpophoma zakho, utwa luyenanelana, wonke amadlambi namaza akho, kudlange kwangaphezu kwami.
Bayobheka nasemhlabeni; babone kuphela inhlupheko, ubumnyama, nokuphelelwa yithemba, bayakuxoshelwa esigayegayeni.
Wena wangiphonsa ezinzulwini zolwandle, amagagasi angizungeza nxazonke, amadlambi akho namagagasi akho angisibekela.
Kepha abantwana bombuso bayakukhishelwa ngaphandle ebumnyameni obungayiwa; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”