Kulo lonke elakwa-Israyeli kwakungekho muntu owayebatshazwa ngobuhle njengo-Absalomu. Wayengenasici, kusukela ematheni onyawo kuya okhakhayini.
UJobe 2:7 - IsiZulu 2020 USathane wayesemuka ebukhoneni bukaSimakade. Wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova, wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kufike okhakhayini. Contemporary Zulu Bible 2024 USathane wayesesuka ebusweni bukaJehova, wamshaya uJobe ngamathumba, kusukela ematheni ezinyawo zakhe kuze kufike okhakhayini. |
Kulo lonke elakwa-Israyeli kwakungekho muntu owayebatshazwa ngobuhle njengo-Absalomu. Wayengenasici, kusukela ematheni onyawo kuya okhakhayini.
“Wathi: ‘Ngizophuma ngibe ngumoya wamanga emilonyeni yabo bonke abaphrofethi bakhe.’ “Wayesethi: ‘Uyakumyenga, futhi umehlule. Hamba wenze kanjalo.’
Kepha-ke ake welule isandla sakho uthinte konke anakho, ubone ukuthi akazukukuqalekisa yini, ebusweni bakho.”
USimakade wayesethi kuSathane: “Kulungile-ke, ngimnikela esandleni sakho, kodwa ungalinge uthinte umphefumulo wakhe.”
Umzimba wami wembozwe yizimpethu nothuli. Isikhumba sami siyaphola, sibuye sibhicike.
Kusukela ematheni onyawo kuze kube sekhanda, akukho mpilo, kodwa ngamanxeba nezilonda zodwa, amanxeba ophayo awakhanyiwe ubovu, noma aboshwe, noma athanjiswe ngamafutha.
ngenxa yalokho, iNkosi iyozenza izimpandla izinkakhayi zamadodakazi aseZiyoni; uSimakade uyowashiya eyizingengelezi.”
USimakade uyokushaya ngamathumba aseGibhithe, ngamaqhubu, ngomuna, nangotwayi, okungelapheki.
USimakade uyokushaya ngamathumba amabi, ongenakuphulukiswa kuwo, kusukela emadolweni akho nasemilenzeni, ematheni onyawo lwakho kuze kube sokhakhayini lwekhanda lakho.
Kepha bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu nezilonda zabo, kodwa abaphendukanga emisebenzini yabo.