Baphendula bathi: “Abasala esifundazweni sakwaJuda, abaze bathunjwa, basenkathazweni enkulu nasehlazweni; izingange zeJerusalema zidilizelwe phansi, namasango alo ashiswe ngomlilo.”
UJobe 19:5 - IsiZulu 2020 Uma impela niyozikhukhumeza ngaphezu kwami, niphikisana nami ngehlazo lami, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma impela niyazikhukhumezela kimi, niphikisane nami ngehlazo lami, Contemporary Zulu Bible 2024 Uma ngempela nifuna ukuziphakamisa ngokumelene Nami futhi nimele ihlazo lami ngokumelene Nami; |
Baphendula bathi: “Abasala esifundazweni sakwaJuda, abaze bathunjwa, basenkathazweni enkulu nasehlazweni; izingange zeJerusalema zidilizelwe phansi, namasango alo ashiswe ngomlilo.”
Makuthi bonke labo abathabela okubi okungehlele, bahlazeke, badumale. Makuthi labo abazikhukhumeza ngami, bathelwe ngehlazo, bajabhe, balulazeke.
Ngokuba ngathi: “Labo abazikhukhumeza ngami, mabangajabuli ngami, lapho unyawo lwami lushelela.”
Ukuba bengiklolodelwa yisitha, bengizokubekezelela lokho, nokuba bekungongizondayo oziphakamise phezu kwami, bengizomcashela.
Ngalolo lusuku abesifazane abayisikhombisa bayobamba indoda eyodwa, bathi kuyo: “Sizozondla thina, sizembathise ngokwethu, kuphela nje masibizwe ngegama lakho, ususe ihlazo lethu.”
Sitha sami, ungasini ngethambo lami; ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uSimakade uyakuba ngukukhanya kwami.
Yilokho okuyakuba ngokwabo esikhundleni seqholo labo, ngokuba bathuke inhlamba, basongela abantu bakaSimakade Wamabandla.
“USimakade uyakuhlenga amathende akwaJuda kuqala, ukuze udumo lwendlu kaDavide nodumo lwabakhileyo eJerusalema lungabi lukhulu phezu kukaJuda.
“INkosi yenze kanje kimina emihleni engibheke ngayo ngomusa ukuba ilisuse ihlazo lami phakathi kwabantu.”
Abafundi bakhe bambuza, bathi: “Rabi, ngubani owonayo; yilo noma ngabazali bakhe, ukuze azalwe eyimpumputhe na?”
Baphendula, bathi kuyo: “Wena wazalelwa esonweni ngokupheleleyo, wena usufundisa thina na?” Base beyikhiphela ngaphandle kwesinagoge.
Isitha sakhe sasimchukuluza ukuze simthukuthelise, ngokuba uSimakade wayesivalile isibeletho sakhe.