Lapho uDavide eyibona ingelosi eyayibulala abantu, wathi kuSimakade: “Bheka, yimi engonile, ngenza okubi, kodwa lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa.”
UJobe 19:4 - IsiZulu 2020 Uma impela ngonile, ukona kwami kuhleli kimi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma impela ngidukile, ukuduka kwami kukimi ngedwa. Contemporary Zulu Bible 2024 Noma kuyiqiniso ukuthi ngonile, isiphambeko sami sihlezi kimi. |
Lapho uDavide eyibona ingelosi eyayibulala abantu, wathi kuSimakade: “Bheka, yimi engonile, ngenza okubi, kodwa lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa.”
Sekuze kwaba kalishumi ningingcofa, kodwa anizange nibe namahloni okuthi ningiphathe kabi.
Bheka, yonke imiphefumulo ingeyami. Umphefumulo kayise kanjalo nomphefumulo wengane ingeyami; umphefumulo owonayo, uyakufa.
Ngokuba thina sonke simelwe ukuba sibonakaliswe phambi kwesihlalo sikaKhristu sokwehlulela, ukuze yilowo nalowo amukeliswe njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni; noma okuhle noma okubi.