kepha yena ungiqolile waguqula iholo lami izikhathi eziyishumi, kodwa uNkulunkulu akamvumelanga ukuba angilimaze.
UJobe 19:3 - IsiZulu 2020 Sekuze kwaba kalishumi ningingcofa, kodwa anizange nibe namahloni okuthi ningiphathe kabi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Seningihlazisile kayishumi; aninamahloni okuthi ningiphathe kabi na? Contemporary Zulu Bible 2024 ningithukile izikhathi eziyishumi; aninamahloni ngokuzenza abemzini kimi. |
kepha yena ungiqolile waguqula iholo lami izikhathi eziyishumi, kodwa uNkulunkulu akamvumelanga ukuba angilimaze.
UJosefa wababona abafowabo, kodwa wazishaya ongabaziyo, wakhuluma nabo ngesankahlu, wathi: “Nivelaphi nina?” Bamphendula bathi: “Sivela eKhanani, sizothenga ukudla.”
AbaJuda ababakhelene nazo, bafika basixwayisa kaninginingi, bethi: “Zizofika zivela ezindaweni zonke ezihlala kuzo zizomelana nathi.”
uma udedisele kude inkohlakalo esesandleni sakho, ungakuhlalisi ukungalungi emathendeni akho,
Ukuqavitha kwakho kufanele kubathulise yini abantu na? Nalapho ukloloda, akekho yini ongakuthela ngehlazo na?
Umoya wami uyanuka kumkami, sebeyanengwa yimi, ngisho nabantwana esaphuma nabo siswini sinye kumame.
Sengizizwile izinsolo zakho ezingithunazayo, kodwa manje umoya wami wokuqonda ungenza ngiphendule.
Ezintweni zonke zokuhlakanipha nezokuqonda inkosi eyayibabuza ngazo, yabafumanisa bedlula kalishumi zonke izanusi nabathwebulayo ababesembusweni wayo wonke.
Lapho nginephuca ukudla okunisimamisile, abesifazane abalishumi bayakubhaka isinkwa eziko elilodwa. Bayakunilinganisela lapho besiletha kini, nidle ningasuthi.
bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibhithe nasehlane nokho bangilinga lezi zikhathi ezilishumi, abaze balilalela izwi lami,