Ukuhlupheka nosizi kuyamethusa, kumkhungatha njengenkosi ezilungiselele ukuya empini,
UJobe 19:12 - IsiZulu 2020 Amabutho akhe atheleke kanyekanye, angizungeza ngemigoqo yokuhlasela, akanisa nxazonke zethende lami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amabutho akhe afika kanyekanye, alungise indlela ukuba angisukele; amisa nxazonke zetende lami. Contemporary Zulu Bible 2024 Amabutho akhe ayangibuthana amise inkamba nxazonke zethabhanekele lami. |
Ukuhlupheka nosizi kuyamethusa, kumkhungatha njengenkosi ezilungiselele ukuya empini,
UNkulunkulu unginikele kubantu abonakeleyo, ungiphonse esandleni sezikhohlakali.
Abacibishelayo bakhe bangihaqile, uqhekeze izinso ngokungenaluzwelo, inyongo yami uyichithe emhlabathini.
Ngakwesokunene sami, kuvuke uquqaba lwangihlasela, lwangenza ngabaleka; lufuna ukungibhubhisa.
Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi, ubuthi bayo buphuzwa ngumoya wami, ukwesabisa kukaNkulunkulu kunami shaqa.
Ngiyoyibeka esandleni sabakuhluphayo, abathi kuwe: ‘Khothama, sihambe phezu kwakho;’ abenze umhlane wakho waba njengomhlabathi, nanjengomgwaqo kulabo abedlulayo.”