UJobe 17:10 - IsiZulu 2020 Kepha nina buyani manje ngothi lwenu, nokho angiyukumthola ohlakaniphileyo phakathi kwenu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Nokho buyani nonke phela, nize; kodwa angiyikuthola phakathi kwenu ohlakaniphileyo. Contemporary Zulu Bible 2024 Kepha buyani nonke, nize manje, ngokuba angitholi noyedwa ohlakaniphileyo phakathi kwenu. |
Ngokuba uzivalile izingqondo zabo, ukuze zingaqondi, ngakho-ke awuyukubaphakamisa.
Emveni kokuba uSimakade esekhulume lawo mazwi kuJobe, uSimakade wathi ku-Elifazi, umThemani: “Ngithukuthelele wena nabangani bakho ababili, ngokuba anikhulumanga iqiniso ngami, njengenceku yami, uJobe.
Ake niphenduke, kungabi bikho owenza ukungalungi. Phendukani, indaba yami ilungile.
Niyakubuye futhi nehlukanise kahle phakathi kolungileyo nongalungile, phakathi kokhonza uNkulunkulu nongamkhonzi.”
Siphelelephi isazi na? Sikuphi isazimthetho na? Uphi oqophisana ngamazwi wakulesi sikhathi na? UNkulunkulu akakwenzanga yini kwaba wubuwula ukuhlakanipha kwakuleli lizwe na?
Lokhu ngikusho ukuze nibe namahloni. Kanti kunjalo: ngabe akukho namunye yini phakathi kwenu ohlakaniphileyo onganquma udaba phakathi kwabazalwane bakhe na?