INkosi yenza ukuba impi yabase-Aramu izwe umsindo wezinqola, umsindo wamahhashi, nomsindo wempi enkulu baze bakhuluma bodwa, bathi: “Uyabona, inkosi yakwa-Israyeli iqashe amakhosi amaHithi namakhosi aseGibhithe ukuba eze kithi.”
UJobe 15:21 - IsiZulu 2020 Ukunkeneneza okwesabisayo kusezindlebeni zakhe, uyothi esahlezi enethezekile, kutheleke umphangi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izwi lengebhe lisezindlebeni zakhe; lapho ehlezi kahle, uyakufikelwa ngumphangi. Contemporary Zulu Bible 2024 Umsindo owesabekayo usezindlebeni zakhe; |
INkosi yenza ukuba impi yabase-Aramu izwe umsindo wezinqola, umsindo wamahhashi, nomsindo wempi enkulu baze bakhuluma bodwa, bathi: “Uyabona, inkosi yakwa-Israyeli iqashe amakhosi amaHithi namakhosi aseGibhithe ukuba eze kithi.”
U-Esteri wathi: “Umuntu omelene nathi, isitha, yilo Hamani okhohlakeleyo.” Kwaphela nasozwaneni wuvalo kuHamani, phambi kwenkosi nendlovukazi.
Ukuhlupheka nosizi kuyamethusa, kumkhungatha njengenkosi ezilungiselele ukuya empini,
Ngokuba ubumnyama obukhulu kubo bonke labo bunjengokusa, lokhu bayakwazi ukwesabeka kwesigayegaye.
Ngisho izikhohlakali zingahluma njengotshani, nabo bonke abenza okubi baqhakaze, bayobhubha ingunaphakade.
Akwesabayo omubi kuyamehlela, kodwa abakufisayo abalungileyo bayakuphiwa khona.
Izikhohlakali zibaleka noma kungekho ozixoshayo, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.
Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu eyisaka, uzigingqe emlotheni, ulile sengathi ulilela indodana eyodwa, ukukhala okulusizi, ngokuba umbhubhisi uzotheleka phezu kwakho masinyane.
“ ‘Abayosala phakathi kwenu, ngiyakubehlisela indumalo ezinhliziyweni zabo, besemazweni ezitha zabo. Bayakuxoshwa ngisho nangukuhashaza kweqabunga lipheshethwa ngumoya, babaleke njengomuntu ebalekela inkemba, bawe kungekho obaxoshayo.
Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.
Sinenkosi esibusayo, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHebheru kungu-Abhadoni, kodwa ngesiGriki ingu-Apholiyoni.